Izindaba

Ushaye iMK ngezinduku zayo umphathiswa osolwa enkohlakalweni

Sabelo Nsele|Published

UNomagugu Simelane

Image: Facebook/ANC

USHAYE iMK ngezinduku zayo uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, wasola amalungu aleli qembu ngokuzitamuzela kumathenda kahulumeni.

UNksz Simelane unxuse ukuba kuphenywe amalungu eMK athe ahlomula kumathenda kahulumeni okubalwa kuwo neyokuphakela izikole.

Ukusho lokhu ngesikhathi echitha izinsolo zeMK zokuthi umndeni nezihlobo zakhe bathola amathenda ezigidi zamarandi.

I-MK yenqabile ukweseka isabelomali somnyango kaNksz Simelane sika-R56 billion, yathi umnyango uphethwe wumuntu onesandla esingesihle ngasekuphatheni imali yomphakathi.

Ilungu leMK, uNksz Ntombikayise Gasa, lithe kunezinsolo zokuthi umndeni nezihlobo zikaNksz Simelane bathola amathenda eminyangweni kahulumeni.

"Nithi asimthembe kanjani ukuthi uzoyiphatha ngendlela imali enikezwe umnyango? Kusobala ukuthi lo mphathiswa umatasa nezinye izinto eziseceleni. Umnyango kufanele uholwe wumuntu okhathalela abantu. Sifuna kuphenywe onke amathenda akhishwe wumnyango."

UNksz Simelane uthe akanankinga nokuba kuphenywe amathenda akhishwe wumnyango.

"Nginxusa undunankulu, uMnyango wezeziMali noMcwaningi Mabhuku ukuba baphenye wonke amathenda akhishwe wumnyango. Nginxusa labo abenza lezi zinsolo ukuba babhalele undunankulu kanye nezinye izinhlaka ukuze kuphenywe. Lokhu ngikusho ngokukhululeka ngoba ngiyazi ukuthi akukho engikufihlayo."

UNksz Simelane uthe naye ufuna ukuba kuphenywe amalungu eMK athola amathenda eminyangweni kahulumeni.

UNksz Simelane uthe kunenqwaba yezinkampani zamalungu eMK ezithola amathenda ezigidi zamarandi eminyangweni kahulumeni.

"Ngazi ngisho amagama alezi zinkampani. Njengoba sikhuluma nje manje lezi zinkampani zinamathenda eminyangweni kahulumeni. Ezinye zihlomule ngisho ohlelweni lokuphakelwa kwezikole. Konke lokhu kufanele kuphenywe."

UNksz Simelane uthe ufuna nokuthi kuphenywe amanye amalungu eMK athola izikhundla eminyangweni kahulumeni ekubeni engenazo iziqu ezifanele.

"Laba bantu kufanele baphenywe, bese bebuyisa imali abayihola ngoba kusobala ukuthi kwakungafanele bayithole ngoba kabanazo iziqu zemisebenzi ababeyiqashelwe."

Ilungu le-ANC, uNksz Hlengiwe Mavimbela, limvikele uNksz Simelane, wathi izinsolo zeMK ezibhekise kuNksz Simelane azinabufakazi.

"Ngeke sivume ukuba kungcoliswe igama likamphathiswa. Ngeke sihambe silalela yonke inhlebo ekhulunywa emakhoneni. Yebo, asihambisani nenkohlakalo kepha kufanele kuthathwe izinyathelo uma kukhona lapho okungalandelwanga khona umthetho. Kodwa esikunqabayo wukuthi kungcoliswe amagama abantu."