Cyril Ramaphosa
Image: Supplied / GCIS
UMENGAMELI, uCyril Ramaphosa, ubona izinhlangano ezalwela inkululeko emazweni ase-Afrika zizoqhubeka nokudonsa ngodizili njengoba kwanda isibalo sentsha evotayo.
URamaphosa uthe intsha ayinendaba nomlando weqembu emzabalazweni wenkululeko uma ikhetha umuntu ezomvotela, wathi intsha ivotela iqembu elibona lizothuthukisa impilo yayo.
Ukusho lokhu ekhuluma emhlanganweni wezinhlangano ezalwela inkululeko emazweni, iNingizimu Afrika, Zimbabwe, Mozambique neNamibia.
Izinhlangano ezalwela inkululeko kula mazwe zehlelwa ukwesekwa okhethweni.
Lapha eNingizimu Afrika i-ANC yahluleka ukuthola amavoti anele ukuba ibuse ngokuzimela njengoba isibusa ngokubambisana namaqembu awu-10.
URamaphosa othe okwenza ukuthi intsha ihambele kude namaqembu ayelwela inkululeko ukuthi azikafezwa izethembiso ezenziwa ngesikhathi somzabalazo.
"Intsha ayinandaba nokuthi yini esayenza ngesikhathi silwela inkululeko kodwa ekubhekayo amaphutha esiwenzayo njengamanje. Intsha ibona sengathi izinhlangano ezalwela inkululeko ziqhelile kuyona. Ibona sengathi la maqembu asadlala ngoludala.
"Lesi yisizukulwane esifuna amathuba emisebenzi, amathuba omnotho, izindlu, imfundo kanye nokuphila impilo engcono. Intsha yanamhlanje ayenelisekile ngekubonayo futhi ifuna amathuba angcono."
URamaphosa uthe izinhlangano ezalwela inkululeko ziya ngokuphunyukwa amandla emazweni ahlukene.
Ukhale ngezimpi zangaphakathi ezinhlanganweni ezalwela inkululeko nokugxambukela kamazwe aseNtshonalanga ezindabeni zasemazweni ase-Afrika.
Uthe amazwe aseNtshonalanga asebenzisa izikhalo zabantu ukuba achithe ohulumeni abaphethwe yizinhlangano ezalwela inkululeko.
"Yebo zikhona izikhalo zabantu ezizwakalayo kodwa ngeke sikubalekele ukuthi amazwe aseNtshonalanga nawo abuye abhebhezele umlilo. Amazwe aseNtshonalanga ayagxambukela ezindabeni zasemazweni ase-Afrika. Ukungajabuli kwabantu kwenza kube lula ukuba amazwe angaphandle agxambukele ezindabeni zase-Afrika."
URamaphosa uthe amazwe aseNtshonalanga alwa kakhulu namazwe ase-Afrika ashaya imithetho ehlose ukuthuthukisa abantu ababencishwe amathuba ngaphambilini.
URamaphosa ukhuluma kanjena nje, iMelika iyaqhubeka nokuqinisa isandla kwiNingizimu Afrika emva kokushaywa komthetho wokubuyiswa komhlaba.
Uqhube ngokuthi abaholi basemazweni ase-Afrika akufanele bavumele ukushayelwa umthetho ngamazwe aseNtshonalanga.
"Singamazwe azimele. Akufanele sitshelwe amanye amazwe ukuthi sishaye miphi imithetho."
Uphethe ngokunxusa abaholi basemazweni ase-Afrika ukuba balwele ukuthuthukisa amazwe abo.
"I-Afrika inothile kakhulu. Kuningi okumbiwa phansi okutholakala lapha e-Afrika. Sekufanele siyeke ukuthumela okumbiwayo ukuba kuyokwakha ubucwebe emazweni aphesheya, kufanele sizakhele thina ubucwebe."
Related Topics: