Izindaba

Batinyele uHlomuka bemsola ngokuba umagaya azidlele

Sabelo Nsele|Published

USipho Hlomuka

Image: Independent Newspapers Archives

AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho KwaZulu-Natal atinyele uMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, emsola enkohlakalweni yokuqokwa kwezinkampani ezizohlomula ethendeni lokuphakelwa kwezikole.

I-MK ne-EFF basola uHlomuka ngokuba wumagaya azidlele njengoba kunezinsolo zokuthi kuhlomule ngisho inkampani eyasungulwa nguye kulolu hlelo lwezigidi zamarandi.

Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma esiShayamthetho, kulandela ukwethulwa kwesabelomali somnyango esingu-R66 billion.

Ilungu leMK, uMnuz Lucky Hadebe, lithe izinsolo zokuthi kuhlomule nenkampani eyasungulwa wuHlomuka zikhombisa ukuthi uHlomuka ungugombela kwesakhe.

"Niyazenzela ngamathenda, nidla nize nidle neyokudla kwezingane? Kwenzekani ngempela? Kunezinsolo zokuthi nawe Mphathiswa uhlomulile. UHlomuka uzingela ephethe itswayi. UHlomuka udla lapho eboshelwe khona. Mphathiswa uhola emali engaphezu kuka-R2 million ngonyaka. Ngenyanga uhola u-R 148 000. Ngiyazibuza ukuthi le mali ayikwenelisi?"

UHadebe uthe uHlomuka kufanele ashenxe esikhundleni.

"Kanti usebenza kanjani lo mthetho we-ANC othi abaholi abasolwa enkohlakalweni kufanele bashenxe ezikhundleni?"

Ilungu le-EFF, uNksz Thobisile Nkosi, lithe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kufanele alusukumele ngokushesha lolu daba.

"Sithi asidlulise ilaka kundunankulu obonakala ezithela ngabandayo ekuphenyeni uHlomuka osolwa ngenkohlakalo emayelana nethenda yokuphakelwa kwezikole."

UNksz Nkosi uthe nabo bafuna ukuthi uHlomuka ashenxe esikhundleni.

"Siyazi ukuthi icala wumphikwa kodwa bekungakuhle ukuba umphathiswa ashenxe esikhundleni kuze kuphothulwe uphenyo."

Amaqembu abusa ngokubambisana athe ayakweseka ukuthi izinsolo ezibhekene noHlomuka ziphenywe.

La maqembu axwayise ngokuthi sekukhona amaqembu asesebenzisa le zinsolo ukufeza izinhloso ezithile.

Ilungu le-IFP, uMnuz Mncedisi Maphisa, lithe kuyabajabulisa ukuthi uHlomuka avume ukuzochaza ngalezi zinsolo.

Ilungu leDA, uMnuz Sakhile Mngadi, lithe bathatha ngamawala labo abathi uHlomuka akehle esikhundleni.

"Asikafiki lapho. Okwamanje kusafanele kuphenywe. Sinethemba lokuthi uphenyo luzopequlula konke. Kubalulekile ukuthi luphenyisiswe lolu daba njengoba le zinsolo zenza ukuthi abantu bangawuthembi uhulumeni.

"Yebo siyavuma ukuthi izinsolo kusafanele ziphenywe kodwa asikwazi ukuziziba. Umthetho awuvumi ukuba osopolitiki nezikhulu basebenzise amandla abo ukuzicebisa. Uma kutholakala ukuthi ngempela kukhona lapho okwaphulwa khona imigomo, kufanele kuthathwe izinyathelo ezifanele."

UHlomuka uthe umnyango uyaziphenya izinsolo ezenziwe.

"Sizizwile izikhalo zabantu ngalolu hlelo. Siyazisukumela izikhalo. Inhloko yomnyango iyazibheka le zikhalo. Sithanda ukuqinisekisa abantu ukuthi ngeke luphazamiseke uhlelo lokuphakelwa kwezikole. Izinkampani ebezikade ziphakela izikole zizoqhubeka nokwenza umsebenzi kuze kuba siqeda uhlelo lokuqokwa kwezinkampani ezintsha. Akekho umuntu ozoya kophazamisa uhlelo lokuphakelwa kwezikole. Labo abanezikhalo abaxhumane noMnyango wezeZimali."