Izindaba

Owe-ANC ugxeka uMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi noNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, onikwe ikhefu

Image: IOL Graphics

ISISHOSHOVU se-ANC esidumile esifundeni iMzala Nxumalo sigxeke uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, samsola ngokuthatha ngamawala.

Umgcinimafa we-ANC egatsheni laseHlobane, eVryheid, uMnuz Lindokuhle Xulu, usebe owokuqala ukuphumela obala KwaZulu-Natal wagxeka uMkhwanazi, wathi waxhamazeka ngokunekela izwe izinsolo azibhekise kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

UXulu uthe uMkhwanazi kwakufanele asebenzise izinhlaka ezifanele ukubika izinsolo ezishaqisayo azenza ekuqaleni kwenyanga.

UMkhwanazi washaqisa abantu abaningi ngesikhathi esola uMchunu ngokusondelana nezigebengu nangokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Izinsolo zikaMkhwanazi zenza ukuba uMengameli Cyril Ramaphosa, aqoke ikhomishini ezoholwa iJaji Mbuyiseli Madlanga.

UXulu uncome isenzo sikaMchunu sokuzicelela ikhefu elikhethekile, wathi bazomeseka uma eseyovela kwikhomishini.

"Isenzo sikaMkhwanazi esokuxhamazela. Lokhu akwenza akakucabanganga kodwa-ke siyameseka uMacingwane kukhona konke okwenzekile. Silinde ukuthi sihambe naye kulona lonke uhambo lwekhomishini ezophenya ngezinsongo ezibhekiswe kuye, kuze kube kuphuma isinqumo."

UXulu uthe ukwamukela kukaMchunu ikhomishini kukhombisa ngokusobala ukuthi ufuna ukugeza igama lakhe.

UXulu uthe okubakhathazayo ukuthi kunabaholi balapha KwaZulu-Natal abafuna ukuphazamisa ikhomishini ngenxa yokuthi basaba ukuthi izoveza amahlazo abo.

"Okunye yikho ukuthi bafuna uMacingwane angabi bikho ohlwini lwesigugu esiphezulu esizokhethwa ngo-2027, lokho nakho siyakugxeka, abaholi ake babambane, kuvuswe umbutho."

Kunamahlebezi okuthi uMchunu uzongenela umbango wesikhundla esiphezulu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC engqungqutheleni ezokuba ngoku-2027.

Kuzokuba kungekhona okokuqala uMchunu engenela umbango wesikhundla esiphezulu kwi-ANC.

Ngo-2017, uMchunu wayesembangweni wokuba unobhala jikelele we-ANC kodwa wahlulwa ngamavoti angu-24.

Engqungqutheleni yango-2022, igama likaMchunu lake lamataniswa nombango wesikhundla sephini likamengameli kodwa wabuye wahoxa emjahweni walesi sikhundla.