Izindaba

Kuvela enkantolo ubhongoza kwelokubulawa kukaMagaqa

Sabelo Nsele|Published

OWABULAWA, uMnuz Sindiso Magaqa, owasocongwa eMzimkhulu

Image: Sigciniwe

LIGAYA ngomunye umhlathi kwelokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, njengoba seziqalile ukubakhalela abasolwa abanindwa inkabi eyavuma icala.

Ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki libophe owayeyisikhulu kuMasipala waseMzimkhulu.

Lesi sikhulu, igama laso elingeke lidalulwe kuze kuba sivela enkantolo, siboshwe izolo, kanti kulindeleke ukuthi sivele eNkantolo yeMantshi, eMzimkhulu, namhlanje.

Inkabi eyavuma icala lokubulala uMagaqa, uSibusiso Ncengwa, yachaza isikhulu esiboshiwe njengomunye wobhongoza ecaleni lokubulawa kukaMagaqa.

UNcengwa wathi lesi sikhulu kanye nowayeyimeya kaMasipala wesifunda iHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe, yibona abakhipha umyalelo wokuba kusocongwe uMagaqa.

Akukhona okuqala lesi sikhulu siboshelwa leli cala njengoba sake saboshwa ngo-2018 kanye noNdobe.

Icala elibhekene nalo kanye noNdobe labuye lahoxiswa okwesikhashana ngenxa yokushoda kobufakazi.

UNdobe watholakala eshonile ngo-2020, kusolakala ukuthi wazidubula.

Ngaleso sikhathi uNdobe wayeyiphini likasomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe umsolwa uboshelwe eThekwini, wabe esedluliselwa eMzimkhulu.

"Lo msolwa oneminyaka engu-55, wake waboshelwa leli cala ngo-2018. Waboshwa kanye nowayeyimeya, usomabhizinisi, ababili ababengamaphoyisa kanye nenkabi. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu, ngoLwesibili (namhlanje)."

UMagaqa owayeyikhanslela kuMasipala waseMzimkhulu, wabulawa ngo-2017.

Kuthiwa wabulawelwa ukukhononda ngenkohlakalo eyayenzeka emkhandlwini.

Ngesikhathi evuma icala, uNcengwa wathi isikhulu esiboshiwe noNdobe ibona abakhipha izindodla zemali yokuba kubulawe uMagaqa, wathi bahlukaniselana u-R120 000 emva kokusoconga uMagaqa.

Wathi wabuye wathola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi empeleni bakhokhelwa u-R600 000, yena waxhoshwa abanye ababeyingxenye yetulo lokusoconga uMagaqa.

UNcengwa wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele iNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

Ngesikhathi ezithethelela enkantolo, uNcengwa wathi uzimisele ukwelekelela uMbuso ukuba kuboshwe nabanye abasolwa abathinteka kuleli cala.

Abanye abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana, bayaqhubeka nokuphika icala.

UMyeza noMpofana bazovela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngo-Okthoba, lapho kuzoqulwa khona icala labo.

Omunye umsolwa, uMnuz Mlungisi Ncalane, kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala emva kokuhlolwa ingqondo. 

Umfowabo kaMagaqa, uMnuz Lwazi Magaqa, uthe uzokwazi ukuphawula kahle namhlanje uma isikhulu esiboshiwe sesivelile enkantolo.