IJAJI Mbuyiseli Madlanga
Image: Screengrab: SABC/YouTube
ISABAMBA iyeka ikhomishini ezophenya izinsolo ezishaqisayo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, njengoba ingakayitholi indawo ezosebenzela kuyo, kungakaziwa ukuthi izosebenzisa imali engakanani, nokuthi ubani ozobizwa kuqala ukuba azokwethula ubufakazi.
Ohola ikhomishini, iJaji Mbuyiseli Madlanga, uthe basazama ukuthola indawo okuzobanjelwa kuyo ikhomishini.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.
UMengameli uCyril Ramaphosa, wayalela ikhomishini ukuba yenze umsebenzi wayo ngokushesha ngenxa yobucayi bezinsolo ezenziwa wuMkhwanazi.
UMkhwanazi wasola uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nangokusondelana nezigebengu.
UMkhwanazi waphinde wasola amanye amaphoyisa nabezinhlaka zobulungiswa ngokusebenzisana nezigebengu.
UMadlanga uthe banethemba lokuthi bazoyithola maduze indawo okuzobanjelwa kuyo ikhomishini.
"Okwamanje esingakuqinisekisa wukuthi ikhomishini izohlala esifundazweni iGauteng. Njengamanje simatasa sizama ukuthola indawo. Abantu bazokwaziswa ukuthi ikhomishini izokuba kuphi nendawo."
URamaphosa wayalela ikhomishini ukuba imnikeze umbiko wokuqala emva kwezinyanga ezintathu, iphinde imnikeze omunye umbiko emva kwezinyanga eziyisithupha.
UMadlanga uthe bafuna ukuhlangabezana neminqamulajuqu abayibekelwe wuRamaphosa.
"Sifuna ukuthi kuthi kuphela izinyanga ezintathu kube wukuthi siyobe sesiwuqedile umbiko wokuqala. Uma kuwukuthi lowo mbiko uyobe uqukethe ubufakazi obanele ukuba siphakamise ukuba kube khona abavulelwa amacala."
UMadlanga uthe abakazi ukuthi ikhomishini izosebenzisa malini.
"Imali izobe yenganyelwe wuMnyango wezoBulungiswa. Okwamanje asikazi ukuthi kuzodingeka malini."
UMadlanga uthe abakazi ukuthi ubani ozoba wufakazi wokuqala nokuthi bangaki ofakazi abazobizwa.
Ubuye wathi kuzocaca kahle uma sebeqale ukukhuluma nabantu abathintekayo ukuthi yibaphi ofakazi okufanele bazokwethula ubufakazi.
Uthe sebeqalile ukuhlela ukubonana nabathinteka kulezi zinsolo.Uthe umuntu wokuqala abazobonana naye wuMkhwanazi.
Uthe uma kukhona abantu abafuna ukwethula ubufakazi esithe, kufanele benze izicelo.
"Akuyona into engizoyivuma kalula lena. Ngizozibhekisisa izicelo zabantu abafuna ukwethula ubufakazi esithe. Kufanele kube nezizathu ezizwakalayo."
Related Topics: