Izindaba

Kumnyama kuMasipala waseMkhanyakude

Sabelo Nsele|Published

UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi efika kuvalwe amahhovisi kaMasipala waseMkhanyakude, ethi uyokwethula umlawuli ongafunwa wubuholu balo mkhandlu Isithombe: SITHUNYELWE

Image: Supplied

KUSEMNYAMA kuMasipala waseMkhanyakude njengoba abasebenzi bengaholile futhi kungase kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo ezifana namanzi.

Imali yomkhandlu ibhajwe ebhange ngenxa yomdonsiswano wokufakwa komkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli.

Abasebenzi bomkhandlu obekufanele bahole ngoLwesihlanu akucaci ukuthi bazohola nini njengoba engekho ofuna ukwehlela ngezansi phakathi kobuholi bomkhandlu kanye noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ababanga udaba lokuqokwa komlawuli, uMnuz Bamba Ndwandwe.

UNdwandwe waqokwa ngasekuqaleni kwenyanga, kuze kube manje ubuholi baseMkhanyakude abavumelani nokufakwa komkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli.

Umasipala awukwazi ukuholela abasebenzi kanye nokukhokhela ezinye izidingo ngenxa yokuthi imali ephumayo kufanele isayinelwe nguNdwandwe.

USomlomo waseMkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo, uthe ukubhajwa kwemali yomkhandlu kubabeka esimweni esinzima.

"Kwenza ukuthi singakwazi ukuholela abasebenzi. Kuzophazamiseka ukuhanjiswa kwezidingo ezifana namanzi nokuqoqwa kukadoti. Sisengcupheni yokuthi kube khona abantu abasithathela izinyathelo zomthetho futhi lesi simo sizokwenza ukuthi abantu bangabe besawuthemba umkhandlu."

UMkhombo uthe abahambisani nesinqumo sokuthi kube uNdwandwe osayinela imali yomkhandlu.

"Ngokomthetho olawula ukuphathwa komasipala imenenja kamasipala iyona okufanele isayinele imali. Imenenja iyakwazi ukuthi inikeze isikhulu sezimali igunya lokuba sisayinele imali yomkhandlu. Umlawuli ofakwa ngenkani emkhandlwini uvele wathatha isinqumo sokumisa ukusebenza kwemali yomkhandlu."

UMkhombo uthe bayaqhubeka nokuphikisana nokufakwa komkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli, wanxusa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke kanye noMkhandlu weziFundazwe ukuba bangenelele kulolu daba.

UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uyalele ubuholi baseMkhanyakude ukuba busebenzisane noNdwandwe.

UButhelezi uthe uNdwandwe uyena okufanele asayinele imali yomkhandlu.

"Ukungafuni kobuholi bomkhandlu ukubambisana noNdwandwe kubeka engcupheni isinkwa sabasebenzi. Ayamukelekile indlela abaholi bomkhandlu abaziphethe ngayo. Bakhombisa ukungawuhloniphi umthetho. Kufanele bamukele ukuthi umkhandlu ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli, nokuyisinqumo esathathwa iKhabhinethi laKwaZulu-Natal."

UButhelezi uthe umasipala awuyilandeli imigomo yokuphathwa kwemali.

UButhelezi uthe usanda kuthola incwadi evela kuMcwaningi Mabhuku omkhulu, uNksz Tsakani Maluleke, emcela ukuba angenelele odabeni lokungalandelwa kwemigomo yokuphathwa kwezimali zomkhandlu.

UMnyango wezeziMali KwaZulu-Natal usanda kuhoxisa ithimba obulijube ukuba liyokwelekelela umkhandlu.

Umnyango uthe ubuholi bomkhandlu bebungafuni ukusebenzisana nethimba lawo.

Unobhala wenyunyana yabasebenzi, iSamwu esifundeni iShonamalanga, uNksz Zandile Gumede, uthe kunezinyathelo zomthetho abazithathayo njengoba kungacaci ukuthi bazohola nini.

"Engingakutshela khona ukuthi siphatheke kabi kodwa okuningi ngizokukhuluma uma sesiqedile nabameli."

I-EFF KwaZulu-Natal ithe umbango wokuqokwa komlawuli akufanele uchaphazele abasebenzi.

Okhulumela i-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Chris Msibi, unxuse ukuba kungenelele uMnyango wezeziMali kulolu daba.