OWAYENGUMHOLI weNFP, uSolwazi Nhlanhla Khubisa, uselingisa kuZalo
Image: SIGCINIWE
OKE waba yiLlungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngaphambi kokuba yilungu lePhalamende kuzwelonke, uSolwazi Nhlanhla Khubisa, usengene emkhakheni wokulingisa. UKhubisa uzobonakala maduze emdlalweni osakazwa kwiSABC1, Amalanga Awafani nakuZalo. Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe Ngempelasonto, uKhubisa uthe uzolingisa indawo kaBab' uNyembe kuMalanga Akafani.
"UBab' Nyembe ngowasoLundi kodwa nomndeni wakhe banomuzi omuhle isitezi esiwubukhazikhazi eClermont. Nakuba uBab' uNyembe esewile ekwi-debt review kodwa useyindoda ekhukhumele, ezitshelayo nechizayo," kusho lesi sifundiswa esike saba nguSolwazi neNhloko yoMnyango wePhilosophy of Education e-University of Zululand futhi saba nguSolwazi neNhloko yeziFundo zobuHoli nezokuphatha eMANCOSA. UKhubisa uthe kuZalo ulingisa indawo yokuba yilungu lomkhandlu kaNkunzi eNdlende.
"Kube yintokozo ukuzithola ngiphakathi kwabalingisi abanohlonze ngaphansi komkhandlu kaNkunzi. Lapho ngihamba khona abantu abebekhombisa ukuthakasela indlela engikhuluma ngayo njengekhansela lomkhandlu weNkosi, uNkunzi. INdlende isigodlo sikaNkunzi."
UKhubisa uthe ukujabulele kakhulu ukulingisa emidlalweni emikhulu kuleli njengoba Amalanga Awafani enababukeli abacela ku-3 million ngosuku kanti kuZalo bangaphezu kuka-5 million. Inkonyane ayisithuki isisinga kuKhubisa ngenxa yokuthi useke wavela njengomlingisi ongabalulekile kwiGenerations The Legacy njengoba abevela engenzi lutho.
"Ngizizwa ngithobeke kakhulu ukuthola ithuba kokuba ngilingise emdlalweni Amalanga Awafani kanye noZalo. Ngizwakalisa ukubonga kubaqondisi benkampani eqopha lo mdlalo iStained Glass ukungipha leli thuba eliyingqayizivele ngoba kuMalanga Awafani bangiphe inkontileka eyoze iphele ekupheleni kukaDisemba."
Abanye abaholi asebeke balingisa ngoDkt Mangosuthu Buthelezi kuShaka Zulu, Dkt Nkosazana Zuma kwiGenerations, Sihle Zikalala kuZalo, Helen Zille noMfu Allan Boesak efilimini Schuks Tshabalala Survival Guide to 2010 noLoggie Naidoo kuMr Bones 2.
Echaza ngokungena ekulingiseni uKhubisa uthe ungumuntu ofundayo kakhulu nohlale ecinga ulwazi.
"Ngizithole ngifunda kabanzi ngokuthi kuyini ukulingisa, kuyini ukwethula izinhlelo, kuyini ukuba yingxenye yomkhiqizo othile, kuyini ukwethula umkhiqizo othile emsakazweni nakwithelevishini. Ngithole ukuthi ukulingisa kulumbene nemfundo. Kumele wazi ukuthi kuyini, kwenziwani futhi uziphatha kanjani."
Uthe esakhula wayefuna ukuba wummeli noma uthisha noma umfundi wezindaba noma athule izinhlelo emisakazweni nakwithelevishini. UKhubisa uzalelwe esigodini saseVongotho, eManzimeleni.
Eqhubeka uKhubisa uthe akaziboni ebuyela kwipolitiki njengamanje ngoba usagxile ekuzikhuliseni emkhakheni wokulingisa, agxile kwezemfundo, angene shi emsebenzini webandla futhi njengamanje uqedela iziqu zobudokotela kwiLeadership and Management esikhungweni saphesheya.
USOLWAZI Nhlanhla Khubisa uselingisa kuZalo nakuMalanga Akafani
Image: FACEBOOK
USOLWAZI Nhlanhla Khubisa uselingisa kuZalo nakuMalanga Akafani
Image: FACEBOOK
USOLWAZI Nhlanhla Khubisa uselingisa kuZalo nakuMalanga Akafani
Image: FACEBOOK
USOLWAZI Nhlanhla Khubisa uselingisa kuZalo nakuMalanga Akafani
Image: FACEBOOK