Izindaba

Bajabule baJula ehostela laseThekwini bebona uDudu Khoza

Charles Khuzwayo|Published

UDUDU 'Lady D' Khoza woKhozi FM ekakwe ngongoti ababamba iqhaza kwiJabul' Ujule, uDkt Nomcebo Mthembu noSolwazi V.V.O Mkhize

Image: SITHUNYELWE

ABALALELI boKhozi FM babheme bakholwa ngesikhathi isilomo salo msakazo, uDudu "Lady D" Khoza, sihambele ehostela laseMobeni, eThekwini, iJacobs sihambisana nongoti emikhakheni ehlukene kanye noMasipala weTheku ongaphansi kweMeya uMnuz Cyril Xaba.

ULady D uthe ubeyothula enye yezingosi zohlelo lwakhe olungena phakathi kuka-9 ekuseni no-12 emini, IJabul' Ujule, ebizwa ngePhila Saka-Sabela Ndoda Uyabizwa njengoba kugujwa inyanga yamadoda. Uthe lolu hlelo luyingxenye yengosi yangoMsombuluko ebizwa ngeMpilonhle Mpilonde. "Sethule lolu hlelo ngenhloso yokuxhumana bukhoma nabalaleli. Lolu hlelo luqonde ukuqwashisa ngezempilo, ukukhuthaza amalungu omphakathi, ikakhulukazi amadoda, ukuba anakekele impilo yawo. Wuhlelo olwenzelwe ukuxhumana ngqo nomphakathi emazingeni aphansi."

Uthe lolu suku lube yimpumelelo ngoba baphumelele ukuhlola izifo ezinhlobonhlobo emadodeni   angaphezu kuka-200 asehostela.

"Ngokuyisa lolu hlelo kubantu siqonde ukugqugquzela isiko lokunqanda nokuhlonza izifo zisaqala, ikakhulukazi emiphakathini esezindaweni ezazincishwe amathuba phambilini." NoMasipala weTheku ulushayele elikhulu ihlombe lolu hlelo njengoba ubuyingxenye yalo mcimbi.

Kongoti ebebehambele lo mcimbi kubalwa uDkt Nomcebo Mthembu noSolwazi Victor Velaphi Mkhize. Akugcinanga lapho ngoba izinkumbi zabantu zibuye zathola ithuba lokuzibonela nabanye ozakwabo bakaLady D abanjengoNonhlanhla "Mroza" Buthelezi, Siphiwe Sibiya,  Nonhlanhla "Mdonso" Ngcobo, Bingelela "The Bings" Mpanza, Phindi P, Somnyama Khumalo, umculi kamaskandi uBahubhe nowokholo uJumbo. 

 

UDUDU "Lady D" Khoza, ongowesibili kusukela kwesokunxele, ehambisana nozakwabo nongoti ehostela laseJacobs eThekwini

Image: SITHUNYELWE

UDUDU "Lady D" Khoza ekakwe ngozakwabo nabaculi ehostela iJacobs eThekwini

Image: SITHUNYELWE

YINGXENYE ebebehambele umcimbi kaLady D ehostela iJacobs eThekwini

Image: SITHUNYELWE

YINGXENYE yamadoda abehambele umcimbi wokucobelelana ngolwazi ehostela iJacobs eThekwini

Image: SITHUNYELWE