Izindaba

I-MK ayisibona ontanga yethu - Malema

Sabelo Nsele|Published

Umholi we-EFF Julius Malema

Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi iqembu lakhe ngeke lishatshalaliswe wukufika kweMK ayibize ngezingane kakhulu kwi-EFF, wathi lokho kufakazelwa wukuthi ingenise esifundazweni esisodwa, iKwaZulu-Natal.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba mayelana namalungiselelo omcimbi wokugubha iminyaka engu-12 kwasungulwa i-EFF.

Ukufika kweMK kuyikhinyabezile i-EFF njengoba ilahlekelwe ngabaholi abaningi abajoyine leli qembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.

Okhethweni olwedlule iMK yasusa i-EFF ekubeni yiqembu lesithathu ngobukhulu ePhalamende njengoba isiyiqembu lesine ngobukhulu.

Nakuba kunjalo, uMalema uthe iMK angeke imelane nabo, wathi i-EFF ingenise kuzo zonke izifundazwe zakuleli.

"Umcimbi wangempelasonto uzokuba sesifundazweni iWestern Cape. Kunenqwaba yemicimbi esiyenze kwezinye izifundazwe. I-MK yenza umcimbi wokubungaza ukuqeda unyaka eMoses Mabhida. Ukuze sibone ngempela ukuthi iMK iyiqembu elikhulu kufanele umcimbi olandelayo iwenzele eMthatha, noma iwenzele eGiyani. Ngeke ubabone benza lokho. I-ANC kuphela engamelana nathi kulokho."

UMalema uchaze iMK njengeqembu elingahlekile, wakhala ngesidididi esishaywe yileli qembu ngesikhathi kuphasiswa isabelomali ePhalamende, ngoLwesithathu.

I-MK ikwesekile ukuphasiswa kwesabelomali kodwa yabuye yashintsha yathi ibingezwanga ukuthi kuvotelwa isabelomali.

"Babuzwe kabili ukuthi ngabe bayakweseka yini ukuphasiswa kwesabelomali, bathi bayakweseka. Ngimangalile uma sebejika, bethi badidekile, bebecabanga ukuthi kuvotelwa enye into. Yilena-ke inhlobo yabantu enabavotela. Ingakho ngithi laba bantu angeke baze bamelane nathi."