Kufunwa abakweletwa yiNgonyama Trust
Image: Sigciniwe
ININGI labantu okufanele babuyiselwe imali yabo yisikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, abakatholakali.
INgonyama Trust ithe isathole abantu abangaphezudlwana kuka-200 kulabo abangaphezu kuka-1 600 okufanele babuyiselwe imali eyaqoqwa yilesikhwama ngokungekho emthethweni.
Isiyonke imali okufanele ikhokhelwe abantu ingaphezu kuka-R4 million.
Isikhulu esiphezulu esibambile kwiNgonyama Trust, uMnuz Siyamdumisa Vilakazi, sithe bayaqhubeka nokuthungatha abantu okufanele babuyiselwe imali yabo.
"Kunzima ukubathola bonke ngenxa yokuthi abanye sebashona kanti abanye azidonsi izingcingo lapho behlala khona njengoba behlala ezindaweni zasemakhaya. Abantu okufanele bakhokhelwe imali yabo bangu-1 620. Okwamanje sisakwaze ukuthola abangu-208."
UVilakazi uthe kusangenzeka kube khona abanye abavelayo abathi nabo babekhokhiswa.
"Kodwa okwamanje abantu abavelayo emabhukwini ukuthi babekhokhiswa bangu-1 620."
UVilakazi uthe abantu okufanele bakhokhelwe yilabo abasayiniswa isivumelwano sokwakha esaziwa nge-residential lease.
"Le mali ayifaki eyokukhonza, eyokukhonza yona igcinwa wuMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu."
UVilakazi uthe abantu baqala ukukhokhiswa le mali kusukela ngo-2007 kwaze kwaba u-2021.
"Abantu bebekhokhiswa imali ehlukene. Kwezinye izindawo abantu bebekhokhiswa u-R1 200 njalo ngonyaka."
UVilakazi uthe bafisa ukuthi bebe sebebakhokhelile bonke abantu okufanele bakhokhelwe ezinyangeni ezingu-18.
Ngo-2021 iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yanquma ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhokhishwa kwabantu abakhe emhlabeni ongaphansi kweNgonyama Trust emva kwecala elalifakwe yizinhlangano ezilwela amalungelo abantu, iCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac) neRural Women's Movement.
IJaji Mjabuliseni Isaac Madondo lanquma ukuthi iNgonyama Trust ibuyisele abantu imali yabo.
Ibhodi eledlule leNgonyama Trust lazama ukuphonsela le sinqumo inselelo, kodwa imizamo yalo yahluleka.
Iphini likasihlalo webhodi leNgonyama Trust, u-Advocate Linda Zama, lithe banqume ukulandela umyalelo wenkantolo.
Uthe akazi ukuthi yisiphi isizathu esaholela ekutheni ibhodi eledlule lithathe isinqumo sokukhokhisa abantu.
U-Advocate Zama uthe bayazi ukuthi kukhona abangahambisani nesinqumo sabo sokukhokha le mali.
Related Topics: