ANC.
Image: IOL / Independent Newspapers
ITHATHE igxathu elibalulekile imizamo yeMelika yokuhlawulisa abaholi be-ANC.
Ikomiti lezobudlelwano namazwe angaphandle eMelika livume umthethosivivinywa ophakamisa ukuthi iMelika ibuyekeze ubudlelwano bayo neNingizimu Afrika, nokuthi kuhlawuliswe abaholi be-ANC.
Iningi lamalungu ekomiti likwesekile ukuphasa kwalo mthetho ophakamisa ukuthi kuhlonzwe abaholi be-ANC okufanele bahlawuliswe.
Lo mthetho obizwa nge-US-South Africa Bilateral Relations Review Act of 2025, waphakanyiswa yilungu lamaRepublicans, uMnuz Ronny Jackson.
Ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika abubuhle kusukela kwangena uDonald Trump kwesikamengameli waseMelika.
Okuqhatha iNingizimu Afrika yicala eyalifaka eNkantolo yaMacala oMhlaba, lapho yamangalela khona izwe elidlelana neMelika, i-Israel.
Okunye wukudlelana kweNingizimu Afrika namazwe ayizimbangi zeMelika okubalwa kuwo iChina.
UJackson uthe njengoba ikomiti selivume umthethosivivinywa sekucabeke indlela yokuthi isiphakamiso sakhe sibe wumthetho waseMelika.
UJackson uthe baningi abazothathelwa izinyathelo uma usushayiwe umthetho.
"Umthetho uzonikeza uTrump amandla okuba abhekane namadlelandawonye ethu azenzela umathanda. Alikho izwe esidlelana nalo elizokwenza umathanda uma sekushaywe lo mthetho."
UJackson uthe maningi amacala enziwe abaholi baseNingizimu Afrika.
"INingizimu Afrika izisondeza namazwe abuswa ondlovukayiphikiswa. Kule minyaka sibone iNingizimu Afrika ilokhu iqhela kwiMelika."
Inhlangano i-AfriForum, ikushayele ihlombe ukuvunywa komthethosivivinywa.
I-AfriForum ibilokhu ikhala ngohulumeni waseNingizimu Afrika, iwusola ngokuphuca abamhlophe umhlaba wabo.
Abaholi bale nhlangano baze baya eMelika, beyoceba uhulumeni wakuleli emva kokuphasiswa komthetho wokuthathwa komhlaba.
Okhulumela i-AfriForum, uMnuz Ernst van Zyl, uthe isikhuni sesibuya ngomkhwezeli kubaholi be-ANC."Kunini sibakhuza? Sekunesikhathi eside uhulumeni oholwa yi-ANC uthatha izinqumo, usho nezinto ezicasula amazwe esidlelana nawo afana nayo iMelika. Sesifikile isikhathi sokuthi bathathelwe izinyathelo abathintekayo."
I-ANC nohulumeni waseNingizimu Afrika bebengakaphawuli ngalolu daba.
Related Topics: