Cyril Ramaphosa .
Image: Supplied
I-MK ichitha uMengameli Cyril Ramaphosa, ngesixoliso sokwehluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuba afake amaphepha asenkantolo.
Umkhonto weSizwe Party uthe awusamukeli isicelo sikaRamaphosa sokuba avunyelwe ukuba afake amaphepha asenkantolo sekudlule isikhathi.
URamaphosa uhlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuba afake amaphepha aphikisa isicelo seMK ephonselela inselelo ukuqokwa kwekhomishini ezophenya izinsolo ezibhekene noNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.
Inhloko yamaJaji, uMandisa Maya, wayekade enikeze uRamaphosa umnqamulajuqu wangoLwesibili, ukuba afake amaphepha aphikisa isicelo seMK efuna nokuthi kuchithwe ukuqokwa kukaNgqongqoshe wezamaPhoyisa ozobamba, uSolwazi Firoz Cachalia.
Abameli bakaRamaphosa babhalele izinhlaka ezithintekayo ecaleni, bexolisa.
I-MK iphendule ngokuthi ayilwamukeli uxolo. Incwadi yabameli beMK ebonwe yiSolezwe, ithi uRamaphosa ubenikezwe isikhathi esanele ukuba afake amaphepha akhe enkantolo.
"Njengoba wazi ukuthi wabhalelwa incwadi ngoJulayi 15, lapho khona iMK yayikuyalela ukuba uhoxise ukuqokwa kwekhomishini nongqongqoshe ozobamba. NgoJulayi 17 wabe usuphendula, usho ukuthi angeke usihoxise isinqumo sakho.
"Ngesikhathi sifaka icala senza isiphakamiso sokuthi unikezwe umnqamulajuqu wangoLwesibili. Ngempela inhloko yamajaji yavumelana nathi. Ngenxa yokuthi lolu udaba olubhekiwe kakhulu ezweni, asifuni ukuba kube nokubambezeleka."
Abameli beMK bathe bazosiphikisa isicelo sikaRamaphosa sokuba athethelelwe.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe ukwehluleka kukaRamaphosa ukuhlangabezana nomqamulajuqu kukhombisa ngokusobala ukuthi akawuhloniphi umthetho.
"Le nto izokwenza ukuthi abantu bengabe besazithemba izinkantolo uma uRamaphosa ezohluleka ukulandela imiyalelo yezinkantolo. Ingakho nje sifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngoba kusobala ukuthi akafanelwe ukuba sesikhundleni."
Imizamo yokuthola okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, ayiphumelelanga.
I-MK yafaka icala eNkantolo yoMthethosisekelo, ngeledlule, ifuna kuchithwe ikhomishini ezoholwa yiPhini leNhloko yamaJaji, uMbuyiseli Madlanga. I-MK ithe le khomishini izomosha imali.
I-MK iphinde ikhale ngokuthi umthetho awumvumeli uRamaphosa ukuba aqoke uCachalia ukuba azobamba isikhundla sikangqongqoshe ngenxa yokuthi akasilona ilungu lePhalamende.
Related Topics: