JACOB ZUMA
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ubona idlala ngesikhathi iMK efake icala eNkantolo yoMthethosisekelo lapho ifuna ukuvimba isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqoka uNgqongqoshe wamaPhoyisa ozobamba, uSolwazi Firoz Cachalia.
UMbalula uthe iMK idlala ngesikhathi ngoba yazi kahle kamhlophe ukuthi awukho umthetho ophulwe wuRamaphosa.
I-MK ifake amaphepha ngoLwesihlanu lapho ifuna kuchithwe khona nesinqumo sikaRamaphosa sokuqoka ikhomishini ezophenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMbalula uthe umholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, wazi kahle kamhlophe ukuthi uRamaphosa ulandele umthetho ngesikhathi eqoka ikhomishini kanye nozobamba kwesikaNgqongqoshe wamaPhoyisa.
"UZuma njengoba eke waba wumengameli, wazi kahle ukuthi yimiphi imithetho elandelwayo. Yimiphi le mithetho abathi iphuliwe? UZuma neqembu lakhe bahambe bezishayisa nje, bafuna izinto ezingeke zenzeke. Banikeze uRamaphosa umnqamulajuqu wokuba ehle esikhundleni. Bayazi ukuthi ngeke kwenzeke lokho."
Cyril Ramaphosa
Image: Supplied
Emaphepheni asenkantolo, iphini lomholi weMK, uDkt John Hlophe, lithe akukho emthethweni ukunikezwa ikhefu elikhethekile kukaNgqongqohse wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.
UHlophe uthe uRamaphosa kwakufanele axoshe uMchunu.
"Kodwa ke siyazi ukuthi uRamaphosa uyamvikela uMchunu ngoba wumngani wakhe. Sonke siyazi ukuthi ngo-2017 uMchunu wayephambili kwababeseka uRamaphosa emkhankasweni wokuba wumengameli we-ANC."
UHlophe uthe awukho umthetho ogunyaza uRamaphosa ukuba aqoke uCachalia ukuba abambe isikhundla sikangqongqoshe njengoba engelona ilungu lePhalamende.
UHlophe uthe abahambisani nokuqokwa kwekhomishini ezoholwa yiPhini leNhloko yamaJaji, uMbuyiseli Madlanga.
UHlophe uthe uMadlanga akakulungele ukuhola ikhomishini ngenxa yokuthi uMkhwanazi wenza izinsolo zokuthi kunezimantshi namajaji asebenzisana nezigebengu.
"Uzokwazi kanjani ukuphenya izinsolo naye ezimthintayo? Zikhona izinhlaka eziphenya amajaji ezifana neJudicial Service Commission."
UMbalula uthe iMK isithole ithuba lokuzigqamisa.
"Banethemba lokuthi kukhona abazokuzuza kule simo. NgoLwesihlanu babesabisa ngokuthi kuzoba nothuthuva. Izinhlaka zokuphepha zaziqaphe ngeso lokhozi. Siyazi ukuthi benzani ngo-2021. Siyabonga nje ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abavumanga ukuba yingxenye yothuthuva."
Abafuna ukuphikisa isicelo seMK banikezwe kuze kube kusasa ukuba bafake amaphepha abo.