Izindaba

Ukhale ngoSathane owayengundunankulu kusha umuzi nezimoto

Sabelo Nsele|Published

Nomusa Dube-Ncube

Image: SIGCINIWE

UKHALE ngoSathane owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Nomusa Dube-Ncube, eshelwa umuzi nezimoto.

UDkt Dube-Ncube kuthiwa usale nabekugqokile ngesikhathi kusha umuzi wakhe oseThekwini nezimoto ezintathu.

Kuthiwa akuzange kulimale muntu ngesikhathi kusha umuzi kaDkt Dube-Ncube, izolo, entathakusa.

Kuma-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana, kuzwakala uDkt Dube-Ncube ekhala ngoSathane ngesikhathi abezicishamlilo bezama ukubhula umlilo obusha ubuhanguhangu. Imbangela yomlilo ibingakaziwa.

Kuma-video kubonakala izimoto ezintathu ebezisegaraji zisha ziba wumlotha.

UDkt Dube-Ncube uzwakala ethi akasasele namoto.

"Yazi anginamoto, ayisekho enye."

UDkt Dube-Ncube uzwakala ecela abezicishamlilo ukuba baqale ngasendaweni athe inamakhamera.

Uphinde azwakale ecela abezicishamlilo ukuba balethe elinye ipayipi ngesikhathi ebona ukuthi umlilo usha ubuhanguhangu.

Uzwakala ebalisa uma etshelwa ukuthi umlilo ususabalale waya kwenye ingxenye yendlu.

"Thixo, Nkosi yami, kodwa uSathane wani lona!"

UDkt Dube-Ncube ubengundunkulu waKwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwangonyaka owedlule. Ngaphambi kwalokho, ube umphathiswa weminyango kahulumeni eyahlukene.

 

UDkt Dube-Ncube usanda kuqokelwa kwesePhini loMgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe babonga ukuthi akulimalanga muntu ngesikhathi kusha umuzi.

"Siyakhalisana kakhulu noDkt Dube-Ncube. Sizwelana nomndeni kulesi sikhathi esinzima kangaka. Sizomeseka futhi sinxusa zonke izinhlaka ezikhona, akukhathalekile noma ngabe sihlukene ngokwamaqembu ezepolitiki, ukuba seseke uDkt Dube-Ncube ngalesi sikhathi esinzima kangaka empilweni yakhe. Akufanele sibukelele umuntu osebunzimeni obunje."

USibisi uthe umlilo udale umonakalo omkhulu.

"Iningi impahla yabo eshile."

USibisi unxuse amaphoyisa ukuba aphuthumise uphenyo.

"Siyazi ukuthi imbangela yomlilo ayikaziwa. Siyawethemba kakhulu amaphoyisa. Siyazi ukuthi azokwazi ukuphenya ngendlela lolu daba. Sinxusa abantu ukuthi bengalokhu bezama ukuqagela imbangela yomlilo."