USAKHISENI "Skhevane" Mseleku oyoqeda isonto esesibhedlela
Image: FACEBOOK
KUBANJWE umoya ngomculi kamaskandi, uSakhiseni "Skhevane" Mseleku, oxinwe wukugula esibhedlela. Ngokusho kukaNelisani "Undlemnyama" Mseleku ongumholi woFishabakhulu, umnewabo wamukelwe esibhedlela ngoLwesithathu ngesonto eledlule ebanjwe umkhuhlanyana.
"Bengithi into encane nje. Ngibona sekuhamba izinsuku, sicela nimbeke emkhulekweni aphole ebuye," kusho uNelisani ekhasini loFishabakhulu. USkhevane yinsizwa eyaqala ukwaziwa emculweni isagidela umzala wayo ongasekho, uMgqumeni "Ibhova LikaDikadika" Khumalo.
Emuva kokudlula emhlabeni kukaMgqumeni, uSkhevane ube esehola elinye iqembu likamzala wakhe, Ogezoo futhi abuye acule ibhesi kuBafana BakaMgqumeni nakuMagcokama. Emuva kokushiya kukaKhangelani "DSD" Mhlongo noMthethowakhe Langa ekuholeni Amagcokama, uSkhevane usale nomfowabo uNdlemnyama kuBafana BakaMgqumeni.
Bawole inqwaba yemiklomelo kumaSatma Awards futhi bahlabana nangeGold Disc nge-albhamu ethi 6 To 6. Babuye bayonandisa eSeychelles naseRussia lapho bashiya khona izithameli zisahalela impinda. Abagcinanga lapho babuye baqopha ngokuhlanganyela nomculi wekwaito ongasekho uMampintsha, uPhuzekhemisi, umrepha uFifi Cooper nabanye.
Abagcinanga lapho uSkhevane noNelisani babe nohlelo olukhuluma ngempilo yabo yangempela olukhonjiswa kuMzansi Magic olusihloko sithi Kings of Maskandi. Kulo nyaka laba baculi bamemezele ukuthi sebeyawashiya amaqembu kaMgqumeni ngoba amadodana akhe asekhule ngokwanele maqede bazibiza ngoFishabakhulu.
USKHEVANE, nomfowabo uNdlemnyama Mseleku, ehleka eveza elomhlathi
Image: FACEBOOK