ISILO uMusizulu Sinqobile kaZwelithini sihambele inkonzo yaseBuhleni
Image: Facebook/ K.O.R Media Production 2
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sinxuse umholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, nebandla ukuba bakhulekele icala lombango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu kanye nobugebengu obuhlalise lubhojozi abantu baseNanda.
IMbube iwuchaze njengechilo umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu osezinkantolo kanye nobelelesi obudla lubi eNanda. Ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma enkonzweni kaJulayi, ebiseBuhleni.
Umbango wesihlalo sobukhosi usudonse iminyaka cishe emihlanu.
Kulindwe isinqumo seNkantolo yamaCala aDlulisiwe mayelana necala elithinta umbango wobukhosi bukaZulu.
Osembangweni wesihlalo sobukhosi, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini nabeseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini, baphonsela inselelo ngempumelelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo ecaleni ababelifake eNkantolo eNkulu ePitoli.
URamaphosa neSilo babe sebesidlulisela phambili isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, abameli babo benza izethulo eNkantolo yamaCala aDlulisiwe, ngoMeyi.
ISilo sithe sifuna ukuthi umbango onjengalona ungaphinde wenzeke ebukhosini bukaZulu.
"Ngizokhuleka ukuba sibambisane entweni yenu, phambi kwenu maNazaretha. Ayingalimali into yenu phambi kwenu nikhona, nisaphila. Ngikhona mina nobaba (uNyazi) ukhona, sizonibambisa kuze kube sekugcineni ngoba safunga ukuthi sizozinikela ngalezi zikhathi ezinzima. Khulekelani maNazaretha indaba yecala. Leli cala liyihlazo esizweni, ichilo esingafuni ukuthi lisiphinde emlandweni. Ngoba bekungokokuqala, siyathemba ukuthi ngegama lamakhosi, kungokokugcina."
IMbube ikhale ngobugebengu obenzeka eNanda, yathi akufanele kwenzeke ubugebengu obungaka endaweni eseduze nesonto.
ISilo sithe sihlezi sikhala ngalesi simo eNkosini yamaQadi, uMqoqi Ngcobo.
"Kubuhlungu ngoba kuyona le ndawo, uma uphuma nje kancane lapha esontweni, angikaze ngibubone lobu bugebengu obedlula obukuleya ndawo ekuthiwa kuseMaoti. Kodwa nakhu nikhona maNazaretha. Ngiyazi ukuthi iQadi lithwele kanzima ngoba indawo yalo lena. Mina ngiyaye ngihlale phezu kwalo iQadi, anifisi niwumphakathi ukuba iQadi. Ngiyaye ngihlale kulo, ngibuze ukuthi zenzeka kanjani lezi zinto ezilukhuni kangaka isonto lilapha eduzane, indawo iphethwe ubukhosi?"
ISilo sikhala kangaka nje, ubugebengu budla lubi eNanda kudlange iqembu lemigulukudu eligcweleza abantu elaziwa ngokuthi yiWest.
ISilo siphinde sakhala ngokuthi kukhona abafuna ukudla umhlaba kaZulu, sacela umkhuleko ngalokhu.
ISilo sifike enkonzweni sihamba noNdlunkulu omusha, uSihle Mdhluli.
Undlunkulu wethulwe ngokusemthethweni kuNyazi. ISilo simbingelele ngokukhethekile undlunkulu.
"Ndlunkulu sithokoza kakhulu. Kuyisithombe sakho sokuqala ufika kuleli bandla. Sithokoza kakhulu ukuba nawe, uzokhuleka nathi."
Related Topics: