Izindaba

I-ANC igxeke ukusetshenziswa kwefulegi lakuleli ohambweni lukaZuma

Sabelo Nsele|Published

Owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma

Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers

I-ANC inengwa wukusetshenziswa kwefulegi leNingizimu Afrika emcimbini lapho umholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, ezwakalise ukweseka iMorocco esemzamweni wokudla indawo iWestern Sahara.

I-ANC nohulumeni wakuleli abahambisani nemizamo yeMorocco njengoba beseka umbono wokuba iWestern Sahara izimele.

UZuma uhambele eMorocco ngeledlule, lapho ebonakale khona noNgqongqoshe woBudlelwano naMazwe aNgaphandle eMorocco, uMnuz Nasser Bourita.

UZuma uzwakalise ukuthi bayayeseka imizamo yeMorocco yokubusa iWestern Sahara.

Ukusho lokhu ekhuluma eseduze kwefulegi lakuleli.

I-ANC ithe ukusetshenziswa kwefulegi kulo mcimbi kudicilela phansi isithunzi sezwe.

Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bekungafanele kusetshenziswe ifulegi lakuleli ngoba uZuma akasiyona ingxenye kahulumeni ophethe.

"Ubudedengu lobu, futhi nje le nto ihlokoloza uhulumeni wakuleli okhethwe ngokwentando yabantu. Lesi senzo asamukelekile futhi siphambene nemigomo yokudlelana namanye amazwe. Empeleni lena yimizamo eyingozi yokubukela phansi imithetho kanye nohulumeni okhethwe ngokwentando yabantu. Kuyishwa ukuba kusetshenziswe ifulegi lezwe entweni yeqembu lezepolitiki. Lesi senzo sinenhlese yokugxambukela kwezwe langaphandle ezindabeni zepolitiki yakuleli."

UNkk Bhengu-Motsiri unxuse uMnyango woBudlelwano naMazwe aNgaphandle ukuba ufake isikhalazo esisemthethweni kuhulumeni waseMorocco.

"Sifuna ukuba uhulumeni waseMorocco uchaze ngalesi senzo, uphinde futhi uxolise ngokukhulu ukushesha. Sinxusa abantu baseNingizimu Afrika, noma ngabe bangamalungu amaqembu epolitiki ahlukene, ukuba balwe nale mizamo yokubukela phansi ukuzimela kwezwe lethu."

UNkk Bhengu-Motsiri uthe isenzo sikaZuma siphambene nalokhu abekushumayela ngesikhathi esahola i-ANC.

Obengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, naye ukhwele wadilika kwiMK.

UShivambu uthe umbono weMK wokweseka iMorocco uphambene nombono wawo wonke amaqembu alwela inkululeko ezwenikazi i-Afrika.

UShivambu uthe umbono wokuba iWestern Sahara izimele wesekwa yiNingizimu Afrika, Algeria, Angola, Botswana, Cuba, Ethiopia, Iran, Mexico, Mozambique, Namibia, Nigeria, North Korea, Tanzania, Uganda, Uruguay, Venezuela, Vietnam neZimbabwe.

"Thina asisoze sadayisa ngabantu baseWestern Sahara."

Ngesikhathi ekhuluma ngokuxoshwa kwakhe kwesikanobhala jikelele weMK, uShivambu wenza izinsolo zokuthi kunamalungu eMK afumbathiswa imali ukuze iqembu leseke iMorocco.