ABESEKA uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, babhikishe ngaphandle kweHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal
Image: Isithombe: Sabelo Nsele
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, wethweswe ijoka lokuba avikele uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuba angahlukunyezwa ngosopolitiki.
Abeseka uMkhwanazi banxuse uNtuli ukuba angayivumeli imizamo yokulwiswa kukaMkhwanazi osanda kudedela amabhomu.
Bakusho lokhu ngesikhathi benombhikisho eHhovisi likaNdunankulu, eMgungundlovu, izolo.
Umbhikisho ubuhlelwe yinhlangano yamalungelo abantu edlelana neMK, iSA Coalition of Civil Society Organizations (Sacocso).
Ababhikishi bathe banomuzwa wokuthi uMkhwanazi uzohlukunyezwa ngosopolitiki.
UMkhwanazi wamangaza abaningi ngesikhathi ebiza isithangami nabezindaba, lapho asola khona uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nangokusondelana nezigebengu.
Ozobamba esikhundleni sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uSolwazi Firoz Cachalia, uvele usekhonondile ngokuthi uMkhwanazi akazange elandele imigudu.
UCachalia uthe uzofuna impendulo egcwele kuMkhwanazi uma eseqala emsebenzini ngenyanga ezayo.
Ababhikishi bathe abafuni lutho oluzothinta uMkhwanazi.
"Sifuna ukuthi uNtuli avikele uMkhwanazi angahlukunyezwa ngosopolitiki noNgqongqoshe wezamaPhoyisa. Asifuni kube khona okumphazamisayo uMkhwanazi," kusho uhlu lwababhikishi.
Ababhikishi bathe bazomvikela bona uMkhwanazi uma uNtuli ehluleka.
Obambe kwesikamqondisi jikelele eHhovisi likaNdunankulu, uDkt Nkosenye Zulu, uqinise ababhikishi idolo.
UZulu uthe uNtuli uyakholelwa kakhulu emagalelweni kaMkhwanazi.
"UNtuli uphumele obala, washo ukuthi usebenzisana kahle noMkhwanazi. UNtuli ushilo ukuthi uyafisa ukuthi uMkhwanazi aqhubeke nomsebenzi awenzayo."
Ababhikishi bayalele uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba axoshe uMchunu.
Umholi weSacocso, uMnuz Sizwe Ngubane, uthe akazi ukuthi kungani kuthiwa izinsolo ezenziwe uMkhwanazi zizophenywa ikhomishini ezoholwa yiphini lenhloko yamaJaji uMbuyiseli Madlanga.
"Yini lena ezophenywa? UMkhwanazi unabo bonke ubufakazi. Yini pho lena ezophenywa?"
UMnuz Mlungisi Zondi weMK Labour Desk, uthe ukungaxoshwa kukaMchunu kuzomosha imali.
UZondi uthe le mali emoshwayo kufanele engabe isetshenziselwa ukunyusa imiholo yamaphoyisa.
"Amaphoyisa ahola imali encane, ngapha kuzohohelwa ongqongqoshe abaningi. Kukhona omisiwe, obambile namaphini ongqongqoshe amabili. Bonke laba bantu bayahola. Uma ufika eziteshini zamaphoyisa kuthiwa izimoto ziyashoda, ezinye zifile. Ayikho imali yokuthenga noma yokulungisa izimoto kodwa kukhona imali emoshwayo."
Ababhikishi banikeze uNtuli izinsuku ezimbili ukuba aphendule, basabisa ngemibhikisho uma bengayitholi impendulo.
Related Topics: