Izindaba

Alukaziwa usuku lwengqungquthela ye-IFP

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa

Image: Facebook/IFP

KUBUKEKA kusazothatha isikhathi ukuba kube nengqungquthela yokuqala yokukhetha ubuholi be-IFP kusukela kwakhothama umholi weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.

Ubuholi beqembu buthe busematasa nohlelo lokugcoba amaziko oluzophela ngoDisemba, bathi usuku lwengqungquthela luzoqokwa kuphela uma sekuqedwe uhlelo lokugcotshwa kwamaziko.

Kuke kwasikazwa ukuthi ingqungquthela izoba ngoDisemba.

Kepha umholi weqembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe ngeke baluqoke usuku lwengqungquthela bengakaluqedi uhlelo lokugcotshwa kwamaziko.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.

UHlabisa uthe kunamagatsha angaphezu kuka-600 angakagcotshwa.

"Amanye amaziko asebe nemihlangano yawo kodwa akukaqinisekiswa ukuthi ngempela akufanele ukuthi abe nezithunywa engqungqutheleni. Isigungu esiphezulu sanquma ukuthi uhlelo lokugcotshwa kwamagatsha luphothulwe ngoDisemba 31. Lide ibanga esesilihambile."

UHlabisa uthe ngeke baxhamazele, wathi bafuna ukuba nengqungquthela uma sebenesiqiniseko sokuthi izinhlaka zeqembu zisesimeni esifanele.

"Asikwazi ukunquma usuku lwengqungquthela njengamanje ngoba alukaphothulwa uhlelo lokugcotshwa kwamaziko."

UHlabisa ubethula izinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungempelasonto.

UHlabisa ushayele ihlombe isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqoka ikhomishini ezophenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uthe bayakweseka ukumiswa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, kanye nokuqokwa kukaNgqongqoshe ozobamba, uSolwazi Firoz Cachalia.

"Senza isiphakamiso sokuthi uMchunu anikezwe ikhefu elikhethekile. Nembala uMchunu wanikezwa ikhefu elikhethekile. URamaphosa ubengeke ashiye engekho umuntu ozophatha isikhundla. Yingakho eqoke ungqongqoshe ozobamba okwesikhashana (uMnuz Gwede Mantashe) kuze kuphele inyanga.

"Siyafisa ukuthi izinsolo ezenziwe wuMkhwanazi ziphenywe. Ngiyazi ukuthi abantu bakuleli sebekhathele amakhomishini. Kodwa kulokhu ayikho into ebizokwenziwa ngoba izinsolo zithinta wona amaphoyisa. Awakwazi amaphoyisa ukuthi kuphinde kube yiwo aphenya izinsolo eziwathintayo."

UHlabisa uthe udaba olubathinta kakhulu olokuhlakazwa kwethimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki.

"Kunenqwaba yamalungu e-IFP ashona ngenxa yodlame lwezepolitiki. Baningi abasalinde izimpendulo. Besibona ithimba lenza kahle. Sizwile ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke (General Fanie Masemola) ushilo ukuthi akazange awukhiphe umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki. Siyafisa ukuthola iqiniso kulolu daba."