Izinkinga eqenjini iTeam Sugar
Image: Sigciniwe
BUCHITHEKE bugayiwe inkantolo ivimba ingqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu elingababeki benkosi kuMasipala waseNewcastle, iTeam Sugar SA.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ikhiphe isivimbelo esinqande ukuhlala kwengqungquthela ebizokuba seNewcastle, ngempelasonto.
Kule ngqungquthela bekumenywe ngisho nomholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, obezokwethula inkulumo.
ITeam Sugar yamangaza abaningi okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021 njengoba yathola izihlalo ezayenza ukuba ibe ababeki benkosi kuMasipala waseNewcastle kanye nakuMasipala wesifunda Amajuba.
Kepha yabuye yagubuzelwa yizinkinga zangaphakathi eziqale ukugqama kakhulu ngonyaka odlule.
Amalungu eqembu ahlukene phakathi njegoba kukhona abeseka umholi weqembu, uMnuz Musa 'Shukela' Thwala, bese kuba khona abeseka iphini likamengameli weqembu, uMnuz Andile Nkosi.
UThwala wabakhipha bonke ezikhundleni abangahambisani naye, waqoka amalungu esigungu esiphezulu esisha.
Abangahambisani naye nabo babe sebemgudluza esikhundleni, nokuyisinqumo asiphonsela inselelo enkantolo.
Abeseka uThwala bebebize ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Amalungu amabili eqembu anganelisekile, uMnuz Mncedisi Cele, noMnuz Bongani Mthethwa, babe sebenikela enkantolo beyokhala ngokungalandelwa kwemigomo ngesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela.
IJaji Muzi Ncube linqume ukuba imiswe ingqungquthela.
"Kufanele kulandelwe yonke imigomo yeqembu uma kuhlelelwa ingqungquthela okubalwa kuyo nokunikeza wonke amagatsha eqembu ithuba lokuba akhethe izithunywa ezizowamela engqungqutheleni."
UNcube uphinde wanquma ukuthi akukho ukuqokwa kwesigungu esiphezulu seqembu esaqokwa uThwala ngo-2024.
UNcube uphinde wayalela uThwala ukuba ame ukuzibiza ngomholi weqembu kuze kuphume isinqumo ecaleni lapho ephonsela khona inselelo ukuxoshwa kwakhe.
ITeam Sugar SA imandla kakhulu esifundeni Amajuba njengoba ike yaphatha izikhundla ezibalulekile komasipala abangaphansi kwalesifunda.
Emva kokhetho lwango-2021 uThwala waqokelwa kwesephini lemeya kuMasipala waseNewcastle.
Wabuye wakhishwa kulesikhundla ngonyaka odlule emva kokuxabana nobuholi beqembu ababambisene nalo emkhandlwini, i-IFP.
UNkosi yena waqokelwa kwesikaSotswebhu omkhulu kuMasipala wesifunda Amajuba.
ITeam Sugar SA yahluleka ukungenela ukhetho lwangonyaka odlule.
Related Topics: