MADLUPHUTHU
Image: FACEBOOK
ZITHUSE abaningi izindaba zokudlula emhlabeni komlingisi wamafilimu amahlaya u-Oscar Mgudlwa, wodumo lukaMadluphuthu efilimini eyayithi My Sh*t Father and My Lotto Ticket.
Izindaba zokushona kukaMadluphuthu ziqale ukusabalala namhlanje ntambama. Kule filimu wayelingisa nowayeyisiqongqwane se-Orlando Pirates uSteven Mnguni owayelingisa indawo kayise nomculi uWinnie Khumalo noNolwazi Dlamini, owayedlala indawo kanina. UMadluphuthu wabuye wabamba iqhaza nasemculweni, abaningi bazomkhumbula engomeni kaSpikiri ethi Ngeke Balunge, lapho ayehambisana khona noBrown Dash nabanye. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali isitatimende sabomndeni ngaphandle kwe-poster eyenziwe yinkampani yabangcwabi.