UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu
Image: Sigciniwe
UZOQHUBEKA nomsebenzi wakhe wasePhalamende nakwi-ANC uNgqongqoshe wezamaPhoyisa onikwe ikhefu elikhethekile, uMnuz Senzo Mchunu.
UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe uMchunu uzokuma kuphela esikhundleni sokuba wungqongqoshe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva komhlangano wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
UMchunu unikezwe ikhefu lesikhashana emva kwezinsolo ezishaqisayo ezenziwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, osole uMchunu ngokusondelana nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.
Ngaphandle kokuba ungqongqoshe, uMchunu uyilungu lePhalamende aphinde abe yilungu lekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
UMbalula uthe uMchunu uzoqhubeka kulezi zikhundla ezimbili. Ubuye wathi ubelindele ukuthi uMchunu ahambele umhlangano wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC obungoMsombuluko.
"Ulethe isixoliso. Ngimtshelile ukuthi ikhefu elikhethekile aliwuthinti umsebenzi wakhe wakwi-ANC. Kufanele aqhubeke nomsebenzi wakhe wakwi-ANC. Silindele ukuthi azosichazela ngezinsolo ezibhekiswe kuyena."
UMbalula uthe uMchunu usazoqhubeka nokubonakala ePhalamende.
"Ongqongqoshe bangamalungu ePhalamende. UMchunu akamisiwe. Uzoqhubeka nokuhambela imihlangano yasePhalamende nokwenza yonke imisebenzi yakhona."
UMbalula uthe bebengakahlangani noMchunu ukuba abachazele ngalezi zinsolo abhekene nazo.
"Sizohlangana naye maduze. Kade simatasa njengoba besiseMpumalanga. Okufanele sikusho-ke kodwa ukuthi angeke senze okuphambene nomthetho."
UMchunu uchithe amahlebezi okuthi ikomiti lezobuqotho kwi-ANC linqume ukuthi ashenxe esikhundleni.
UMbalula uncome indlela uMengameli wezwe asingathe ngayo udaba lukaMchunu njengoba eqoke ikhomishini ezophenya izinsolo.
"URamaphosa akenzi izinto ngoba nakhu efuna ukubukwa, ulandela umthetho. Siyishayela ihlombe imizamo yakhe yokubuyisa isithunzi sezwe. Siyazi ukuthi abantu bafuna ukuthi kuthathwe izinyathelo ngokushesha. Sonke sifuna ukubona kuthathwa izinyathelo ngokushesha kodwa-ke akufanele kunyathelwe amalungelo abantu."
UMbalula uphinde wamemezela ukuhlehliswa komhlangano wesigungu esiphezulu obuzokuba kule mpelasonto.
Umhlangano uhlehliswe ngenxa yokuthi abaholi be-ANC bafuna ukuzinikeza isikhathi sokulungisa ubudlelwano babo namadlelandawonye kanye namaqembu abambisene nawo kuhulumeni.
Idlelandawonye le-ANC, iSACP, lifuna ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela.
Nakuhulumeni wokubambisana akukuhle njengoba i-ANC ijwayele kakhulu ukuphikisana neDA.
"Sinqume ukuthi sizinikeze isikhathi sokuthi sibhekane nalezi zinkinga."
Related Topics: