Izindaba

Uncome iqhaza lonomehlo esizweni samaZulu

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ehambele esizweni saKwaMachi, ngoMgqibelo, la bekubungazwa izintombi nezinsizwa

Image: Sithunyelwe

AKUSENSUKU zatshwala luqale uhlelo lokuholelwa konomehlo ngomsebenzi wabo omuhle abawenzela isizwe samaZulu.

Lokhu kudalulwe nguMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfuThulasizwe Buthelezi.

UButhelezi ubekade ekhuluma emcimbini omkhulu wokubungazwa kwezintombi nezinsizwa zesizwe saKwaMachi.

INGXENYE yezintombi ebezihambele umcimbi wokuzikhuthaza ukuthi ziqhubeke ziziphathe kahle KwaMachi

Image: Sithunyelwe

Umcimbi ubukade usezinkundleni zemidlalo zaKwaMachi, eHarding, ngempelasonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi akusikhona okokuqala luvela udaba lokuholelwa konomehlo baKwaZulu-Natal.

UButhelezi uthe konke sekumi ngomumo manje.

Uchaze onomehlo njengabantu abadlala indima enkulu ekuqinisekiseni ikusasa elihle nelingcono lesizwe samaZulu.

"Iqiniso ukuthi mkhulu umsebenzi obonakala wenziwa ngonomehlo ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu-Natal. Kodwa akekho umuntu okuqaphelayo ukusebenza ngokuzikhandla kwabo. Yingakho sikholwa ukuthi sekumele bahlomule manje ngomsebenzi omuhle ababonakala bewenzela isizwe," kusho uButhelezi.

Ukhulume nangokubaluleka kokuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi nezinsizwa nazo zikhuliswa kahle.

INkosi yesizwe saKwaMachi, uMthetho Machi, ithe beyisizwe bakubeka eqhulwini ukubaluleka kokubona izintombi nezinsizwa ziqhubeka nokuziphatha kahle.

Ithe ngaphambilini, lo mcimbi wawukade ugxile kakhulu ekutheni kukhuthazwe ukuziphatha okuhle emantombazaneni amancane kuphela.

Ngokuhamba kwesikhathi isizwe sigcine siqaphela ukuthi akukuhle ukuba kugxilwe nxanye ebese kuzitshwa abafana.

"Sigcine sesivumelana ngokuthi alube khona phela nohlelo lokufundisa izinsizwa ngokubaluleka kokuziphatha kahle," kusho uMachi.

NoNdlunkulu walesi sizwe, uNkk Lulama kaFaku Machi, uthe isizwe sibophezele ekuqinisekiseni ukuthi izinsizwa nezintombi zikhuliswa ngendlela efanele.

Uthe ngaphambilini, bebekade benza ubudedengu bokugxila ekucijeni kokuziphatha kwamantombazane ebese beziba izinsizwa okuyinto athe babonile ukuthi akumele yenziwe.

"Uma ufundisa izintombi ngokuziphatha akumele ubashiye ngaphandle nabafana. Phela amantombazane azogana abafana. Uma ke bengafundiswa abafana, sikuphi isidingo sokufundisa amantombazane?"