Izindaba

Injabulo kuVuyo ngomlando emdlalweni Ishaka-Ilembe

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uVuyo Ngcukana oveze injabulo yakhe ngokuba ngomunye wabalingisi abaveza ukuxhumana kwesizwe samaZulu namaXhosa ukuthi kwaqala kanjani njengoba kubonakele ngeSonto emdlalweni Ishaka-Ilembe

Image: X

UMLINGISI uVuyo Ngcukana useveze ukuthi ukuba kuye ngaye wayeyoba kubalingisi bokuqala ababonakala emdlalweni Ishaka-Ilembe, ekhonjiswa kuMzansi Magic, ngeSonto, ngo-8 ebusuku.

UVuyo uqale ukubonakala kulo mdlalo ngeSonto elingisa indawo kaJacob Msimbini owayengowesilisa odabuka esizweni sakwaXhosa ngokomlando okunguye owaya kobikela iSilo uShaka ngokuba khona kwabamhlophe.

Kuvela ukuthi uJacob nguyena owasebenza nabamhlophe futhi etolika ulwimi lwabo esizweni samaZulu.

UVuyo ekhuluma ngale ndawo uthe kufezeke iphupho lakhe ngoba ngisho umdlalo uqala wayengazi ukuthi kuzovela uhlangothi lwabakwaXhosa.

"Engikubonile ngalo mdlalo wukuthi uveza ukuthi zonke izizwe zavela kanjani njengoba zikhona manje. Kungithokozise ngempela ukulingisa indawo efana nalena egqamisa ukuthi thina bakwaXhosa sahlagana kanjani nabaKwaZulu, sazana. Kuningi abantu abazokubona kule ndawo njengoba izovula abaningi amehlo ukuthi singabeNguni umlando wethu usuka kuphi kuze kube sila sikhona namhlanje," kusho uVuyo.

Uveze ukuthi ngalo mdlalo kuqopheke umlando ngoba isizukulwane esizayo siyokwazi ukuthi kwaba khona owesilisa ofana nalona owaphila futhi kwaba khona indawo ayidlalayo ekuhlanganiseni izizwe zazane kangcono.

"Engikufisa kakhulu ngalo mdlalo wukuthi ube nesifundo kwabanye, abebengazi ngezinhlanga ezikhona kuleli. Ukuba khona kwawo kukhombise ukuthi iyiphi inkosi eyavakashela siphi isizwe ukuze zaziwe zonke. Kulokhu sibone nesizwe samaSwati, amaXhosa kulokhu akhona. Ngesizini edlule kwavela nezinye izizwe ezasiza amakhosi ahlukene ukuwabhacisa ngoba ebhekene nezinkinga lapho ayesuka khona, ngakho asibonge uMzansi Magic neThe Bomb Production ngokuqala kabusha umdlalo walolu hlobo," kuchaza yena.

UDesiree Markgraaff ongumqondisi walo mdlalo waveza kwabezindaba ukuthi yize kule sizini kuzovela ukuthi abamhlophe bazofika kanjani kodwa udaba lwabo luzogqama ngesizini yesithathu