Izindaba

Ihlaya abeMK 'belwa' phambi kwezimbangi esiShayamthetho

Sabelo Nsele|Published

Amalungu eMK Party

Image: Doctor Ngcobo

APHENDUKE ihlaya amalungu eMK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ephikisana wodwa phambi kwezimbangi zawo ezinkulu. Uqhekeko kwabeMK luhlale obala ngesikhathi behluleka ukuzibamba, baphikisana phambi kwamaqembu aphethe ngokubambisana KwaZulu-Natal.

Amalungu eMK avote ngokwehlukana ngesikhathi kuvotelwa uhlaka lwesabelomali esiShayamthetho, izolo.

Ukuvota ngokwehlukana kwamalungu eMK kuwaphendule inhlekisa emaqenjini abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal, i-IFP, ANC, DA neNFP.

I-MK iyizimbangi ezinkulu zala maqembu njengoba ihlezi ikusho ukuthi ifuna uhlakazeke uhulumeni ophethwe yila maqembu ehlukene.

Kumangale abaningi ngesikhathi amalungu amahlanu eMK eqoka ukuphikisana nomyalelo kaSotswebhu weqembu osanda kuqokwa, uMnuz Bonginkosi Mngadi, ngesikhathi kuvota.

Amalungu esiShayamthetho abezonikeza umyalelo amalungu oMkhandlu weziFundazwe aKwaZulu-Natal ukuthi kufanele avote kanjani uma sekuphasiswa isabelomali ePhalamende.

UMngadi umemezele ukuthi beyiMK bafuna ukuthi amalungu aqhamuka KwaZulu-Natal afike avumelane nokuphasiswa kwesabelomali.

Amalungu amaqembu abusa ngokubambisana nawo avote ngendlela efanayo nalena okuvote ngayo uMngadi.

Amalungu amahlanu abe wona esephakamisa izandla, aphikisana nokushiwo uMngadi.

Amalungu eMK aphikisene nokushiwo uMngadi iloyo obenguSotswebhu omkhulu weqembu ngoMnuz Mervyn Dirks, Nksz Patience Gamede, Mnuz Simphiwe Mbatha, Mnuz Bonginkosi Mkhize, noMnuz Sithembiso Magubane.

I-MK inamalungu angu-38 esiShayamthetho, onke amanye amalungu avumelane nomyalelo kaMngadi.

Bagcine bedliwa yivoti laba abaphikisane noMngadi njengoba iningi lamalungu esiShayamthetho livumelane ngokuthi amalungu oMkhandlu weziFundazwe avotele ukuphasiswa kwesabelomali.

Okuqaphelekayo ngabaphikisane noMngadi ukuthi bonke basanda kudilizwa ezikhundleni. UDirks usanda kudilizwa kwesikasotswebhu omkhulu, kwaqokwa uMngadi.

UMbatha, Mkhize noMagubane bake baba osostwebhu ngaphambilini.

Izimpi zidla lubi kwiMK njengoba sekuyinsakavukela ukudilizwa kwabaholi ezikhundleni.

UMngadi wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

"Ngeke ngiphawule kakhulu ngezinto ezithinta iqembu. Indlela esivote ngayo ayikashintshi. Sivote ngale ndlela esivote ngayo. Sineqembu okuyilona elisiphethe. Ngenxa yokuvikela isithunzi seqembu, ngizocela ukuma lapho."

Ebuzwa ukuthi bebevumelane ngokuthi bazovota kanjani ngaphambi kokuqala komhlangano, uMngadi ukhale ngokuba matasa, wacela ukuba abuye afonelwe.

Emva kokuvota, amalungu amaqembu aphikisayo ahlekise ngoqhekeko oludla lubi kwiMK.

Okhulumela i-DA kwezezimali, uMnuz Tim Brauteseth, uthe ukuvota ngokwehlukana kwamalungu eMK kukhombisa ngokusobala ukuthi izinto zimayakayaka kuleli qembu okuyilo eliphikisayo.

"Le nto isikhombisa ngokusobala ukuthi kunohlangothi oluzenzela umathanda kwiMK. Lokhu kusho ukuthi leli qembu alikwazi ukwenza kahle umsebenzi walo njengeqembu eliphikisa ngokusemthethweni."