UNOLUTHANDO Ngema waseMgungundlovu othi ababukeli bomdlalo Ithonga basazobona olunye uhlangothi endaweni kaMbali ayilingisayo
Image: Sithunyelwe
IVEZA ukuthi namanje ayikakholwa ukuthi ila ikhona ngempilo intokazi yaseMgungundlovu, uNoluthando Ngema, engomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni Ithonga, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku.
UNoluthando kulo mdlalo ulingisa indawo kaMbali Dladla.
Uthe ukuzibona esemicimbini emikhulu emenywa yisiteshi asebenza kuso, kusho lukhulu kuyena njengoba lo mdlalo kungowokuqala ukuthi abonakale elingisa kuwo.
Uthe usanda kuthola iziqu zokulingisa esikhungweni semfundo i-AFDA, okuthe ngemuva kwalokho waqala ukufuna umsebenzi.
“Indawo kaMbali kimi ifike yavula amathuba amaningi okuhlangana nabantu ebengingacabangi ukuthi ngiyosheshe ukuba nabo endaweni eyodwa. Kodwa ukuthola ithuba elifana naleli kungilethele injabulo empilweni futhi ithuba leli elingenze ngasheshe ngaziwa njengoba ngisanda kuthola iziqu zami. Buka nje namhlanje sihlangane emcimbini ongakanani, buka osaziwayo abalapha engangingazi ukuthi nami ngelinye ilanga bayongibona njengozakwabo,” kuchaza uNoluthando.
Uveze ukuthi indawo kaMbali yize abanye beyibona njengeyowesifazane olungile kodwa bazomangala eziqeshini ezizayo.
“Inkulu impi eseza ezoba khona ethinta uMbali, yilapho ababukeli bezomvuma khona futhi abanye bazoyeka ukumbukela phansi ngenxa yokulunga kwakhe. Ngiyabonga kozakwethu ikakhulukazi uNelisiwe Sibiya, yize singabhekani kulo mdlalo kodwa engifike kulo mdlalo waba umngani wami namanje ngihamba naye, usephenduke udadewethu. Ukusebenza nabantu abanjalo uma usafika kulo mkhakha kuyasiza kakhulu ukuya phambili,” kuchaza yena.
Manje uthe usebheke phambili ekutheni abonakale nakweminye imidlalo enesifundo njengalona akuwona manje.
Uthe abantu bazovuleka amehlo ngomkhakha wamathenda okungenzeka abanye bebewubuka ngeso elihlukile ngenxa yobubi abanye abathi ugcwele kuwo.
Related Topics: