UMHOLI weMK uJacob Zuma abagadlane nobengunobhala jikelele waleli qembu uMnuz Floyd Shivambu, ngempelasonto
Image: Sigciniwe
IYAQHUBEKA impi yamazwi phakathi komholi weMK, uJacob Zuma, nobengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu.
UZuma noShivambu bagadlane ngamazwi ngesikhathi bekhuluma emicimbini ehlukene ebingempelasonto.
UZuma usole uShivambu ngokudideka ngokwengqondo, ekubeni uShivambu uqhubekile nokubiza iMK ngesitokfela somndeni kaZuma.
UShivambu uxoshwe kwesikanobhala jikele weMK ngoJuni. Ngesikhathi exoshwa, iMK yathi uShivambu uxoshelwe ukuhambela esontweni lomfundisi waseMalawi ofunelwa amacala, uShepherd Bushiri.
Kwabuye kwavela ukuthi uShivambu waxoshelwa ukuthi wayefuna ukuketula uZuma kwesokuhola iMK.
UZuma uveze ukuthi uShivambu wabanjwa enza ubugebengu wathi futhi bese ehambe etshela abantu ukuthi uzophatha maduze.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esidlweni sasebusuku ebesihlelwe wuphiko lwentsha kwiMK.
UZuma uthe banquma ukuxosha uShivambu emva kokuba bembambe enza ubugebengu.
Uthe kuyaxaka ukuthi kungani uma uShivambu esexoshwe esikhundleni bese ethi ufuna ukuqala iqembu elisha ekubeni ngesikhathi esesesikhundleni ubekhuluma eyokuthi kufanele kuncishiswe amaqembu ezepolitiki.
"Kukhona omunye esamthatha sithi simenza umuntu, bavuka ubulwane, waqhasha. Kade sikhuluma naye sibuzana ukuthi singawanciphisa kanjani amaqembu ezepolitiki. Ubekhuluma ashaye isiNgisi esiphezulu. Ubungaze uthembe uma umuzwa ekhuluma. Ube eseganga ke. Thina asidlali ke uma sikubamba uganga. Noma ngabe besikuthanda kanjani, uma ubheda sikubeka endaweni yakho. Uma sesithi akabuyele eceleni, wahlanya umuntu. Usethi uzokhuluma namakhosi, abuze ukuthi sikhona yini isidingo sokuthi kuqalwe enye inhlangano. Ubehambe eganga, ekhohlisa abantu, ethi uzophatha maduze."
UZuma uthe abuye ngokushesha amalungu eMK alandela uShivambu ngesikhathi eqala ibhodwe elisha.
"Laba abebethathwe wumoya bethi bahamba nale nsizwa, babuye isidumo beza ekhaya. Babuye bedidekile, babuza ukuthi yini leya."
UShivambu uthe maningi amahlazo afike wawathola kwiMK.
Uthe uma engakhuluma ngawo kungaboshwa abantu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma eLimpopo.
"Saya kwiMK ngoba sinethemba lokuthi yiqembu elizolwela izidingo zabantu. Ngaya kwiMK ngiyokwakha izinhlaka zeqembu. Izinto engifike ngazithola laphaya ziyashaqisa. Akusiyona indlela yokuphatha iqembu leya. Buningi ubugebengu obenzeka laphaya. Iqembu liphethwe sengathi yisitokfela sikaZuma. Ngababuza ngale zinto. Akukhona ukuthi ngiyabahleba."
UShivambu uthe bazobhalisa iqembu elisha lezepolitiki, iMayibuye Africa Organisation, athe izomela bonke abantu bakuleli.
Related Topics: