UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu
Image: Henk Kruger/Independent Newspapers
UNGOTI wezepolitiki uxwayisa i-ANC ngokuthi izobhekana nolaka lwabavoti okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo, uma ingasusi ngokushesha esikhundleni uNgqongqoshe wamaPhoyisa okhungethwe yizinkinga, uMnuz Senzo Mchunu.
Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe abantu angeke bayivotele i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo uma ingase ingalusukumeli ngokushesha udaba lukaMchunu.
UMchunu ulandelwa yifa elimnyama kulandela izinsolo zokuthi usondelene nabantu abasebenzisana nezigebengu.
Lezi zinsolo zenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UNdlovu uthe izinsolo ezibhekene noMchunu zibucayi kakhulu.
"Abantu bacasukile. Uma i-ANC ingase ingamsusi uMchunu esikhundleni, abantu bazoveza ulaka lwabo okhethweni oluzayo. I-ANC izolahlekelwa yibo bonke omasipala."
UNdlovu uthe uMchunu akafanelwe ukuphatha umnyango kahulumeni.
"I-ANC kufanele imshushumbise, iyomenza inxusa ezweni elingaphandle. Kufanele ahlale lapho kuze kuba kuphola lolu daba."
UNdlovu ukhale ngokuhudula izinyawo kukaMengameli Cyril Ramaphosa.
Izinsolo ezibhekene noMkhwanazi zenziwe uRamaphosa engekho kuleli, eseBrazil.
UNdlovu uthe uRamaphosa kwakufanele ashiye yonke into ayeyenza eBrazil, abuye azobhekana nalolu daba.
"Lolu udaba oluthinta ezokuphepha ezweni. URamaphosa kwakufanele aphuthume azolulungisa. Bekufanele athumele umyalezo wokuthi i-ANC ayihambisani nenkohlakalo."
UMchunu kubhekwe ukuthi angenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC elandelayo.
UNdlovu uthe lezi zinsolo zizowuphazamisa umkhankaso kaMchunu.
"Kahle kahle nje kuphelile ngaye kwi-ANC. Akasophinde aphathe isikhundla esiphezulu kuhulumeni."
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bayalusukumela udaba lukaMchunu.
UMbalula uthe balindele ukuthi uMchunu abanikeze umbiko maduze.
"Udaba lwenzeke uRamaphosa engekho, asikahlangani singabaholi be-ANC kodwa nginesiqiniseko sokuthi uMchunu uzoletha umbiko maduze. Ngalena kwalokho, kukhona izinhlaka zangaphakathi kwi-ANC ezibhekana nabantu abasolwa enkohlakalweni. Kufanele kulandelwe zonke lezi zinhlelo."
Related Topics: