Izindaba

UMantashe ukhuza eyokuqokwa kwamakhansela angafundile

Sabelo Nsele|Published

Gwede Mantashe

Image: GCIS

USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, usechithe amakhansela angafundile wathi njengoba kubhekwe okhethweni abafuni kukhethwe abantu ngenxa yodumo, kodwa ngokuthi bayaboniswa encwadini.

Uthe ukukhethwa kwamakhansela angafundile kwenza ukuthi imikhandlu ingasebenzi kahle.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yokukhumbula owayeyiphini likamengameli, uMnuz David Mabuza.

UMantashe uthe i-ANC kufanele iqinise imithetho ezosetshenziswa uma sekukhethwa abazoba amakhansela.

"Sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya. Kufanele sibumbane. Okunye kufanele siqinise imigomo uma sikhetha amakhansela. Ayikho into engicasula njengekhansela eliya emhlanganweni lingayifundanga imibiko ezovotelwa. Umuntu ufika lapha emhlanganweni abuke ukuthi abantu bavotela yiphi imibiko, bese naye evotela leyo mibiko evotelwa yiningi." 

Uthe:"Into okufanele sizibuze yona wukuthi kungani esifundazweni lapho kuphethe khona i-DA omasipala bakhona abaningi bethola imibiko yoMcwaningi Mabhuku engenagcobho? Mukhulu umsebenzi osasihlalele njenge-ANC ukulungisa omasipala esibaphethe."

UMantashe uthe inkulu inkinga edalwa wukukhethwa kwamakhansela angafundile.

"Imikhandlu iyawa bhu phansi bekhona ngenxa yokuthi abakwazi ukufunda. Kufanele siyilungise le nto okhethweni oluzayo. Umuntu kufanele simtshele nje ukuthi ngeke abe yikhansela ngoba akafundile. Kufanele sikutshele ukuthi izokuhlula le nto ngoba awuzwani nokufunda. Umuntu sizomtshela ukuthi sizokukhetha ukuba uthole isikhundla enhlanganweni, kodwa khohlwa wukuba yikhansela."

UMantashe uthe i-ANC izogcina ishabalele uma ingayisukumeli indaba yamakhansela angafundile ngoba abantu bagcina bengayivoteli i-ANC. 

I-ANC ibe nezinkonzo ezintathu zokukhumbula uMabuza.

IPhini likamengameli we-ANC uMnuz Paul Mashatile, likhuluma enkonzweni yokukhumbula uMabuza, lincome iqhaza lalo mholi enhlanganweni.

"UMabuza usebenze nawo wonke umuntu, efuna kube nobumbano kwi-ANC. Kudingeka siyakhe ngokushesha i-ANC ngoba sashaywa okhethweni."

UMabuza ushone ngeledlule kulandela ukuxinwa wukugula.

Uzongcwatshwa kusasa, lapho ezohlonishwa khona ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili.