Izindaba

ISilo sizohlonishwa ePhalamende lase-United Kingdom

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizohlonishwa ePhalamende lase-United Kingdom

Image: Sigciniwe

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sizohlonishwa ePhalamende laphesheya kwezilwandle, e-United Kingdom.

IMbube izochonywa uphaphe lwegwalagwala emcimbini wokuhlonipha abaholi abanohlonze ezwenikazi i-Afrika, i-African Achievers Awards.

Lo mcimbi owenziwa okuka-15 kulo nyaka uzoba kusasa, ePhalamende lase-United Kingdom.

IMbube izohlonishwa ngeqhaza layo ekugcinweni kwamasiko kaZulu nangokulwela ubumbano ezwenikazi i-Afrika.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, ukuqinisekisile ukuthi amabombo abheke e-United Kingdom.

UMntwana uThulani, okhulume neSolezwe ngesikhathi elungiselela ukuya emcimbini, uchaze ukuhlonishwa kweSilo kulo mcimbi njengengqophamlando.

"Okuningi sizokukhuluma kahle uma umcimbi sewenzekile."

Abe-African Achievers Awards, bathe iNdlulamithi yamakhosi ibambe iqhaza elikhulu ekugcinweni kwamasiko.

IMbube ihola imikhosi kaZulu ebalulekile okubalwa kuyo, owoMhlanga, owokweShwama kanye noweLembe.

"Kuyintokozo kithina ukuthi emcimbini wakulo nyaka sizohlonipha iSilo samaZulu. IMbube isezingeni layo yodwa njengomholi uma sikhuluma ngokuqhakanjiswa kwamasiko. ISilo sizinikele ekuthuthukiseni i-Afrika."

Abahleli bomcimbi bathe iMbube kufanele ishayelwe ihlombe ngokuzama ukuhlanganisa isizwe sayo.

"ISilo siyalilandela ngempela igama laso njengoba silwela ubumbano esizweni saso. Namanje iSilo siyaqhubeka nokuqhakambisa amasiko, ulimi kanye nabantu baso. Lona kuzoba wumcimbi omkhulu ngempela."

Abahleli bomcimbi baphinde bancoma imizamo yeSilo yokubumba izizwe zase-Afrika.

IMbube isike yothiwa amakhosi aqhamuka ezingxenyeni ezahlukene zezwekazi i-Afrika.

EMkhosini weLembe wangonyaka odlule, iSilo sakhuza ukuhlukunyezwa kwabokufika, sanxusa ukuba kube nobumbano kubantu basezwenikazi i-Afrika.

Muva nje sisanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana neNkosi yaseNigeria, u-Ogiame Atuwatse III.

Abahleli bomcimbi bathe kubalulekile ukuthi amakhosi agqugquzele ubumbano ezwenikazi.

"Izwekazi i-Afrika linothile. Uma abantu bakhona bengase babumbane, kuningi abangakwenza. Yingakho sigqugquzela abaholi ukuthi balwele ubumbano."

Umcimbi wakulo nyaka uzohanjelwa abaholi bezepolitiki, osomabhizinisi kanye nabaholi bezinhlangano zamalungelo abantu.