Izindaba

Bakhungathekile ongakwazi ukukhuluma etholakala ecuyiwe

Sabelo Nsele|Updated

UMNUZ Tsio Duma otholakale ebulewe

Image: Sithunyelwe

UKHUNGATHEKILE umndeni webhungu elingakwazi ukukhuluma eliduke maqede latholakala selibulewe. 

Umndeni kaMnuz Tsio Duma (16) waseBrighton, eMpendle, usashaqekile emva kokumthola esebulewe ngesihluku. UDuma utholakale eshayiwe kanzima, waphinde washiswa.

Kunemidlinzo yokuthi uDuma ucwiyiwe.

Utholakale endaweni okusanda kutholakala kuyo owesifazane owayeshayiwe, wacwiywa.

Unina kaDuma, uNksz Thobisile Duma, uthe indodana yakhe yaphuma njengomuntu oya endlini encane ngoMgqibelo ebusuku.

"Sathi uma sibona kuqhubeka isikhathi eside engabuyi, sabe sesiphuma siyombheka. Sambheka kuyo yonke indawo esasiyicabanga ukuthi kungenzeka ukuba udukele kuyo, sangamthola. Kwaze kwashaya u-2 ekuseni, sifuna."

UNksz Thobisile uthe uDuma watholakala ngeSonto ekuseni, endaweni engaba ikhilomitha ukusuka ekhaya.

"Wayeshayiwe futhi eshisiwe. Kunembobo nje eyayisesiswini, angazi ukuthi babemgwaza ngani. Umzimba wawuluhlaza, kunemivimbo. Kwakukhombisa ukuthi wayebhaxabulwa. Bazama nokumshisa."

UNksz Thobisile uthe kungenzeka ukuthi indodana yakhe yacwiywa, wathi indlela eyayilimele ngayo, abakwazanga ukubona ukuthi zisaphelele yini izitho zomzimba.

UNksz Thobisile uthe ufuna ukwazi ukuthi ibulaweleni indodana yakhe.

"Okubuhlungu ukuthi akakwazi ukukhuluma. Ukuba ubekwazi ukukhuluma bengizothi mhlawumb e ubathukile. Ubengasukeli muntu. Okubuhlungu asazi ukuthi ubulewe ubani. Uma okungenani kungavela ukuthi ubulewe ubani, khona bezongichazela ukuthi ubenzeni."

UNksz Thobisile uthe uDuma ubenakho ukuphuma anyamalale.

 

"Besiyaye simbheke, simthole. Kwesinye isikhathi besimthola esengene emzini yabantu. Abantu bebemazi."

Ikhansela lakuMasipala waseMpendle, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe bakhathazekile ngokwanda kwezigameko zabantu abatholakala bebulewe kulendawo.

"Mumva nje kusanda kutholakala umuntu wesifazane owayeshayiwe naye. Wayesikwe ulimu, lwafakwa esiswini. Kuthona izitho zomzimba ezazingabonakali."

 

UNgubane uthe kukhona owesilisa owaduka endaweni efanayo athe sebemfune baze bancama.

"Wagcina ukubonakala esendaweni yobumnandi. Isikhindi sakhe sangaphansi satholakala sinegazi. Okukhathazayo ukuthi abekho abantu ababoshaywa. Siyafisa ukuthi kube khona abantu ababoshaywo. Sinxusa ukuthi umphakathi ubambisane namaphoyisa."

UNgubane uthe umndeni wakwaDuma uthwele kanzima njengoba ulungiselela umngcwabo.

 

"Isimo sinzoma ngoba bebethembele kakhulu esibonelelweni sakhe umfana. Bacelile nje ukuthi uma kukhona abangasiza, ikakhulu ngokudla."

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

"Imbangela yokubulala ayikaziwa. Wabulawa abantu abangaziwa. Watholakala eshile emzimbeni, washonela khona endaweni atholakala kuyo."