Izindaba

Abomculo abathi vu ngokubahlukanisile

Charles Khuzwayo|Published

KWAKUSEMNANDI phakathi kukaBheko Sokhela nobengumculi uMfana Kah Gogo kweminye imicimbi ababeyihambele

Image: FACEBOOK

YIZE kuhlukene inhloko nesixhanti phakathi komculi wamapiano, uSipho "Mfana Kah Gogo" Mbonambi nenkampani abeqopha ngaphansi kwayo iDurban Base Entertainment kodwa namanje ayikaziwa imbangela.

UMfana Kah Gogo ((21) akaphumelanga obala kodwa uvele wadla amazambane ashisayo kwisitatimende asisabalalise ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu. Kanjalo nomphathi weDurban Base Entertainment, uBheko Sokhela, uvele wangena ezintangeni ngokubahlukanisile.

Ethintwa uBheko uvele washaya ngezinqamulelayo wathi bona kwiDurban Base Entertainment, bayaziqhenya ngokuveza ikhono nokuthuthukisa ikhono lentsha yaKwaZulu-Natal. "Yileyo impendulo yami. Yazi akulona nodaba," kuphetha uBheko.

 Lo mculi wodumo lwengoma ethi Hlal' Ethembeni nethi Jabula, uthe nakuba engaseyona ingxenye yale nkampani kodwa uyawatusa kakhulu amagalelo ayo nesikhathi asichithile kuyo.

"Njengoba ngiqala ikhasi elisha, ngigcwele ugqozi nofuqufuqu nokuzimisela ukuqhuba umsebenzi wami ngokuzimela." Uthe zonke izinhlelo zakhe uzozimemezela maduze. Lo mculi waseZwelibomvu, eMariannhill, uthembise abalandeli ukuthi uzobaqhamukela nokwehlukile ngoba uzobe esenenkululeko yokwenza konke ngokugcwele futhi esebambisana nabo.

UMfana Kah Gogo waphothula  u-matric eFundinduku Secondary, eTafelkop ngaseZwelibomvu, ngo-2022. Ngo-2023, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Inzalo kaSikabopha, enezingoma ezingu-16. Kuyona wayepike abaculi okubalwa kubo uNomfundo Moh, DJ Karri, Major League nabanye.

Umfana Kah Gogo wake waphumela obala ngesimo esingesihle ekhaya lapho eqhamuka khona nesifiso sokushintsha izinto emndenini wakhe nokunika unina nogogo wakhe impilo engcono esebenzisa umculo.