Izindaba

UMchunu uzifake ogibeni evuma ukwazi amphika ePhalamende

Sabelo Nsele|Published

UKHOMISHANA wamaphoyisa uGeneral Sehlahle Fannie Masemola

Image: Picture: Siyabulela Duda/GCIS

ANGASE abhekane necala lokudukisa iPhalamende uNgqongqoshe wamaPhoyisa okhungethwe yizinkinga, uMnuz Senzo Mchunu, emva kokuba evume ukwazana nomuntu athi akamazi ngesikhathi ebuzwa ngaye ePhalamende.

Usihlalo wekomiti lezamaphoyisa ePhalamende, uMnuz Ian Cameron, uthe bazohlala phansi bacubungule ukuthi bazomthathela ziphi izinyathelo uMchunu ovume ukwazana noMnuz Brown Mogotsi.

Esitatimendeni asikhiphe izolo, uMchunu uvumile ukuthi uyamazi uMogotsi kodwa wathi akasondelene naye.

Ngesikhathi evele ePhalamende, uMchunu wathi akamazi uMogotsi.

"Lokhu kwenza ukuthi kube nzima yonke into manje. Kufanele siyihlalele phansi le ndaba sibone ukuthi isiphi isinyathelo okufanele sithathwe. Phezu kokuvula icala kungaphinde kube khona nesidingo sokuthi simcebe ekomitini lasePhalamende lezobuqotho," kusho uCameron.

I-DA ihlela ukuvulela uMchunu icala, namhlanje.

Izinsolo zokuthi uMchunu usondelene noMogotsi zenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMkhwanazi wathi uMogotsi wazana nosomabhizinisi oboshelwe icala lokuzama ukubulala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, osolwa ngokusebenzisana nezigebengu.

UMatlala usanda kubanjwa nomakhalekhukhwini ejele.

Esitatimendeni asikhiphe izolo, uMchunu uthe akamazi uMatlala, wathi futhi akakaze acele lutho kuyena.

USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, uyalele amakomiti asePhalamende, elezamaphoyisa, elezobulungiswa nelezinhloli, ukuba abhekisise kahle izinsolo zikaMkhwanazi bese emnikeza umbiko.

UNkk Didiza usichithile isicelo sokuba kube nenkulumo mpikiswano ePhalamende ngalolu daba.

Uthe izinsolo ezenziwe uMkhwanazi azinabo ubufakazi, zisadinga ukuba ziphenywe.

UKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fanie Masemola, uveze ukuthi sekuqiniswe ezokuphepha zikaMkhwanazi ngenxa yezinsongo.

"Ngiyakuqinisekisa ukuthi sekuqiniswe ezokuphepha ngenxa yokuthi uMkhwanazi uthola izinsongo esifundazweni."

UMasemola uthe angeke uMkhwanazi ajeziselwe ukubiza isithangami sabezindaba ngeSonto.

UMasemola uthe uMkhwanazi unelungelo lokubiza isithangami sabezindaba akhulume ngezindaba ezithinta ubugebengu.

"Wangazisa ukuthi uzobiza isithangami nabezindaba. Wangitshela ukuthi uzokhuluma ngamacala athinta ukubulawa kosopolitiki. Sekunesikhathi eside kwagcina ukuba kube nesithangami esikhuluma ngala macala. Njengoba ewukhomishana wamaphoyisa unalo ilungelo lokubiza isithangami nabezindaba. Ingakho singeke silokhu simhluphela ukuthi ubize isithangami nabezindaba."

UMasemola uthe akazange awukhiphe umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

Lokhu kuyashayisana nokushiwo iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, othe ithimba lahlakazwa emva komyalelo kaMasemola, naye owayethathe umyalelo kuMchunu.

"Uke wayibona incwadi esayinwe yimi ethi akuhlakazwe ithimba?" kubuza uMasemola.

UMasemola unxuse amaphoyisa ukuba aqhubeke nokwenza umsebenzi wawo.

"Lesi isikhathi esinzima. Siyakujabulela ukuthi uMengameli (Cyril Ramaphosa), uthe uyalusukumela lolu daba. Sikulungele ukuba siyohlangana nomengameli, siyomnikeza umbiko."