Izindaba

Abafuni lutho ngoMkhwanazi abangakubo

Sabelo Nsele|Published

Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Image: Thobile Mathonsi

NJENGOBA izwe limagange ukuzwa izinyathelo ezizothathwa uMengameli Cyril Ramaphosa, ngodaba lwezinsolo ezibhekiswe kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, abantu bayaqhubeka nokuzwakalisa ukweseka kwabo uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Izinsolo ezishaqisayo ezenziwe uMkhwanazi sezidale inkulumo mpikiswano ezweni.

Nakuba kukhona abasola uMkhwanazi ngokungalandeli imigomo, babukeka banda abazwakalisa ukweseka uMkhwanazi.

Kukhona abahlela imibhikisho yokweseka uMkhwanazi.

Eyokwesekwa kukaMkhwanazi isize yangenwa nangabantu bangakubo, eMakhuzeni, eMpendle.

UMkhwanazi uyisakhamuzi saseMakhuzeni esizakhele ugazi ngokuhlela idili le midlalo.

Kubikwa nokuthi sekuqiniswe ezokuphepha emzini kaMkhwanazi kulandela isithangami sangeSonto.

Ikusasa likaMkhwanazi alicaci emaphoyiseni njengoba nenkontileka yakhe iphela kuwo lo nyaka.

Ikhansela lalapho kuqhamuka khona uMkhwanazi, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe bangakujabulela ukuthi uMkhwanazi aqhubeke kulesi sikhundla.

UNgubane uthe mkhulu umehluko owenziwe uMkhwanazi kusukela angena.

"SiyiMpendle siyaziqhenya ngomsebenzi awenzile njengoba eqhubeka nokulwa nezaphula mthetho. Siwabonile amaphoyisa awaholaya lapha KwaZulu-Natal ebhekana nezigilamkhuba. Izigebengu seziyazi ukuthi iKwaZulu-Natal akuyona indawo yokudlalela. Ngakho ke siyameseka kakhulu ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe."

UNgubane uthe uMkhwanazi ungumfana wendawo njengoba ethe akapheli ekhaya.

"Lisekhona ikhaya lakubo futhi naye ujwayele ukufika. Ekukhuleni angimazi kahle ngoba yena ungaphambili kwethu kodwa into engingakutshela yona ukuthi akukho okubi esengike ngakuzwa ngaye."

Muva nje uMkhwanazi usanda kwenza idili lezemidlalo eMpendle, lapho egqugquzele khona intsha ukuba iziphathe kahle. UNgubane uthe le midlalo bayijabulela kakhulu.

"Yinto enhle lena ayenzayo njengoba kubalulekile ukuthi intsha uyibambe isemaphuphu. Kufanele isheshe itshalwe ezinqondweni zayo le nto yokuthi kufanele badlalele kude nobugebengu. Le midlalo yasivula amehlo njengoba yasigqugquzela ukuba kube khona nokusebenzisana namaphoyisa empini yokulwa nobugebengu."

I-ActionSA izokuba nombhikisho emahhovisi amaphoyisa eThekwini, kusasa.

Lo mbhikisho uzoholwa ilungu lePhalamende, uNksz Dereleen James, nosihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango.

UMncwango uthe bazomeseka kuze kube sekugcineni uMkhwanazi.

UMncwango uvikele uMkhwanazi kulabo abamsola ngokungayilandeli imigomo ngesikhathi ededela amabhomu.

Uthe isizathu esenze ukuthi uMkhwanazi angayilandeli imigomo yingoba akazithembi izinhlaka okufanele ziphenye.

Kuhlelwe omunye umbhikisho ozokuba seThekwini, ngelizayo.

Umlando omfishane kaMkhwanazi

UMkhwanazi uqokelwe kwesikakhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ngo-2019.

 

Wake wabamba kwesokuba ukhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke ngo-2011.

Uke waba ukhomishana wamaPhoyisa esifundazweni iWestern Cape, futhi uke waphatha ezinye izikhundla ezibalulekile emaphoyiseni.

Ngokwemfundo uMkhwanazi uneziqu i-B-Tech degree kwiPolicing kanye  neNational Diploma  kwiPolice Administration.

Ngokuqeqeshwa uMkhwanazi uyilungu lophiko olukhethekile iSpecial Task Force.