UDR Bone uthi kumsizile ukuhoxa kancane emculweni wagxila ekulingiseni njengoba eseqokwe emqhudelwaneni wezindondo
Image: FACEBOOK
KUTHELE izithelo kumrepha odabuka eBergville, uBandile "Dr Bone" Maphalala ukuhlaba ikhefu emculweni maqede wagxila ekulingiseni.
UDr Bone, wodumo lwengoma ethi Kazet nethi Fak'Umoya, ukwabaqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela TV and Film Awards. Leli ciko elihlala elokishini laseThekwini iLindelani, lingene emunxeni weBest Supporting Actor, ngendawo kaHawu eliyilingisa kuZalo. Kuleli qoqo udlana imilala nozakwabo u-Andile Mntambo noKennedy Stab weCala.
UDr Bone uthe kusho lukhulu kuye ukutonyulwa kulo mqhudelwano, "ikakhulukazi ngoba ngimusha ekulingiseni, kuphinde kube ukuqokwa kwami okokuqala emqhudelwaneni wezindondo. Ngikuthathe njengesibusiso esikhombisa ukuthi ngenza okuyikonakona."
Uthe ukuqokwa kukodwa kumenze wathobeka kakhulu.
"Zombili lizi zinsizwa engiqokwe nazo zinekhono ngendlela eyisimanga. U-Andile Mntambo besiyibambe naye kuZalo. Ngiyihlonipha kakhulu leya nsizwa nokuthi ingumuntu ebantwini."
Ebuzwa ukuthi ngabe ukulingisa kuye kufane nocilo othuke uzishayisa endukwini yini, uDr Bone uthe umculo nokulingisa kuhluke kakhulu.
"Mancane amathuba okuthi ungangena ekulingiseni ngoba ubucula."
Mayelana nomculo uthe uzozwa ngamakhehla ukuthi kubuywa nini.
"Okwamanje, ngisangena ngomkhono nesiphanga ngapha ekulingiseni."
Ebuzwa ukuthi ngabe yini ayenzayo ngaphandle kokulingisa kuZalo, uDr Bone uthe usematasatasa nokulingisa kuZalo. Lo mlingisi uqale ukuveza ikhono lakhe kulo mkhakha ngokudlala indawo kaXolani emdlalweni owawuthi Isifiso.
Abanye abaqokwe kuma-2025 Simon Mabhunu Sabela KZN Film & Television Awards, ngoMbuso Khoza, Nombulelo Mhlongo, Ayabulela "Zola Zeelovin" Mhlongo, Nelisiwe Sibiya, Sibusisiwe Jili, Kwenzo Ngcobo, Ntando Mncube, Musa Mseleku, Bheki Mkhwane, Sibongiseni Shozi, Portia Ncwane, Gugu Gumede, Duduzile Ngcobo nabanye.
*Abahlabene bazomenyezelwa emcimbini ozoba seThekwini ngoJulayi 19.
Related Topics: