U-AYABONGA "Zola Zeelovin" Mhlongo uthi ukusebenza ngokuzinikela evolontiya kwiGagasi kwamcabela indlela ebheke empumelelweni
Image: FACEBOOK
UMSAKAZI weMetro FM, u-Ayabonga "Zola Zeelovin" Mhlongo, uthe kwamsiza kakhulu ukusebenza ngokuzinikela kwiGagasi FM lapho ayevolontiya khona ngoba kugcine kumvulele iminyango eminingi. Ekhuluma kwi-Engineer Your Life (okuyiYouTube Channel) uZola (31), osakaza iBest Weekend Breakfast noSomizi Mhlongo, uthe kwamsiza kakhulu ngoba kwamcija kulo mkhakha waze wagcina echaze abaphathi balesi siteshi.
"Bangibiza banginikeza uhlelo emuva kokubamba iqhaza ohlelweni lukaKing Sifiso." Uthe waqala wacela imali engango-R200 kunina ukuze enze i-demo okuyiyo ayithumelela abantu abahlukahlukene.
"Kubona bonke nguKing Sifiso owangiphendula kwi-dm. Wangitshela ukuthi asihlangane ukuze ngimtshele ngezifiso zami. Ngabe sengiba nengosi ohlelweni lwakhe, ngingaholi unyaka wonke." Uthe wayehlale enxusa abantu ukuba balalele ingosi yakhe.
Ukusebenza ngokuzikhandla kwathela izithelo njengoba agcina enikezwe uhlelo ngo-2016. Ebuzwa ukuthi naye waholelwa uR2 800 njengomsakazi weJozi FM uPenny Ntuli, uZola uthe waholelwa imali eyayingaphezulu kwaleyo. UZola uthe wasakaza izinhlelo ezihlukahlukene okubalwa kuzo ayelusakaza noMario noDJ Sonic.
Uthe wagcina eshiyile kwiGagasi ngenxa yezinkinga ayebhekene nazo nokuthi wasuke wathola uhlelo lwethelevishini kuSABC 1 iShay'iRound.
"Ngabuye ngahlala iminyaka emithathu ngizama ukubuyela ekusakazeni kodwa kungalungi. Ngangingqongqoza ngingqongqozile, ngingapheli umoya."
Ngokuhamba kwesikhathi ube eseqashwa yiMetro FM.
Le ntokazi, esibuya nasohlelweni obelusakazwa kwi-1 Magic, ayizibekile phansi nasekulingiseni. ngoba ike yalingisa kwiMy Brother's Keeper lapho yayilingisa khona indawo kaNkosazana. Yilapho yafike yazakhela ugazi olukhulu kubabukeli njengoba yayiyishende likaDonga Shabalala, (okuyindawo eyayilingiswa wuSdumo Mtshali).
Ikhono lokulingisa selibuye lamfaka emqhudelwaneni wezindondo njengoba engomunye wabaqokwe emunxeni weBest Supporting Actress - Film kuma-2025 Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, ngendawo ayilingisa efilimini esihloko sithi Sent. Ngaphandle kwalokho uZola ubuye abe nezimpahla zokugqoka ezibizwa nge-Undefined Shapes.
Related Topics: