Izindaba

I-ANC nemicimbi yokukhumbula uMabuza

Sabelo Nsele|Published

Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma namalungu e-ANC emzini wowayeyiphini likamengameli, uMnuz David Mabuza

Image: Facebook/ANC

I-ANC ihlele uxhaxha lwemicimbi yokukhumbula owayeyiphini likamengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, ozongcwatshwa ngoMgqibelo.

I-ANC izokuba nezinkonzo ezintathu zokukhumbula uMabuza ezizokuba ngoLwesihlanu.

Kulezi zinkonzo kuzokhuluma abaholi abaphezulu kwi-ANC okubalwa kubo iphini likamengameli we-ANC nezwe, uMnuz Paul Mashatile, nephini likanobhala jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane.

Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe izinkonzo zokukhumbula uMabuza zizokuba sezindaweni ezintathu ezahlukene esifundazweni iMpumalanga.

Ukusho lokhu ngesikhathi eyohlanganisa amehlo nomndeni kaMabuza.

UMbalula uthe bakhethe ukuhlela izinkonzo zokukhumbula uMabuza ukuze nabangeke baye emngcwabeni bezothola ithuba lokumvalelisa.

UMbalula uthe balindele ukuthi amalungu e-ANC aphume ngobuningi kulezi zinkonzo njengoba ethe uMabuza ubethandwa kakhulu enhlanganweni.

"UMabuza akakaze ayilahle i-ANC. UMabuza uzinikele kwi-ANC ngezikhathi ezinzima. Ngesikhathi sibheke okhethweni akazange aze alinde ukuthi aze acelwe ukuba akhankasele i-ANC. Ubehlezi elwela iqiniso. Ubekwazi ukusibuyisa uma ebona sengathi siyaphuma endleleni. Silahlekelwe kakhulu."

UMbalula uthe uMabuza ubengathandi ukubukwa, wathi yingakho engakaze azwakale esekhuluma kabi nge-ANC.

"Ubazi ukuthi uma kukhona okungamphethe kahle kufanele lokho akubike ngaphakathi, angahambi ekhuluma esidlangalaleni. Uma uzobheka nje emva kokubunjwa kukahulumeni wokubambisana, abantu abaningi bazwakalisa imibono yabo. Abanye babesho ukuthi abawufuni uhulumeni wokubambisana, abanye bethi bayaweseka.

"UMabuza akakaze aye kokhuluma ngalolu daba esidlangalaleni ngoba ubazi ukuthi uma uwumholi kufanele zonke izinto uzikhulume ezinhlakeni ezifanele. Konke ayefuna ukukusho wayekukhuluma ezinhlakeni ezifanele. Okubuhlungu nje wukuthi abanye ababekhuluma esidlangalaleni abazange bayikhankasele i-ANC ngesikhathi kubhekwe okhethweni. UMabuza wakhankasa."

UMabuza uhlonishwe ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili.

Kuzokuba nezinhlelo zokumhlonipha ezizoqhutshwa amalungu ombutho wezokuvikela.

UMabuza ushone ngeledlule kulandela ukugula.

Ushonele esibhedlela esiseGoli, kuthiwa wayenenkinga yokuphefumula.

Phambilini kwake kwaba nezinsolo zokuthi uMabuza udlisiwe, waze waya ukuyokwelashwa eRussia.

Ngesikhathi eyiphini likamengameli ubevame ukuyoxilongwa kuleliya zwe.