Izindaba

Banomlando othusayo abavela kumabhomu kaMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

UMkhwanazi nabavela embikweni wakhe oshaqisayo

Image: Nonkululeko Nhlapo

BANOMLANDO okushiya ubambe ongezansi abanye okuvela amagama abo ezinsolweni ezishaqisayo ezenziwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Abanye ababalwe wuMkhwanazi, sebeke babhekana nezinsolo ezishaqisayo phambilini, abanye babo sebeke baboshwa.

Sibheka kabanzi umlando wabo bonke abantu uMkhwanazi athinte amagama abo.

Owokuqala owabalwa wuMkhwanazi, nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, amsole ngokusondelana nabantu abaphazamisa ukusebenza komthetho.

UMchunu, umfokaNyawo zekewu, uzalwa eNhlwathi, kwaHlabisa.

Uke wabhekana nezivunguvungu ngesikhathi kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal eyayingo-2015.

Ngesikhathi kubhekwe kule ngqungquthela kwashona owayengusihlalo we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Thulani Mashaba, owashona engozini yemoto.

Kwaba khona abanuka uMchunu ngale ngozi, nokuyizinsolo aziphika.

UMchunu wafike wahlulwa kule ngqungquthela, lapho khona ayefuna ukukhuza ibuya njengosihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

Ukuhlulwa kwaholelwa ekutheni ehliswe esikhundleni sokuba undunankulu waKwaZulu-Natal. Wake waphatha noMnyango wezeMfundo esifundazweni.

Uxoshwa nje i-ANC yayibheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngo-2017 lapho khona kwakubanga khona uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

UMchunu wayesohlangothini lwababeseka uRamaphosa, futhi wayengenele umbango wokuba unobhala jikelele.

Wahlulwa ngamavoti angu-24 embangweni walesikhundla.

Nokho waphuma phambili kuqokwa amalungu esigungu esiphezulu, okwenza ukuthi abuyelwe amandla kwezepolitiki.

Emva kwale ngqungquthela waqokelwa esikhundleni sikaNgqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, wabuye waqokelwa kwesikaNgqongqoshe wezaManzi.

Emva kokhetho lwangonyaka owedlule uMchunu waqokelwa kwesikangqongqoshe wezamaPhoyisa.

UMchunu uneziqu zobuthishela.

Igama lesibili elivelayo elephini likakhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant Shadrack Sibiya.

UMkhwanazi wasola uSibiya ngokuphazamisa ukusebenza kwethimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

USibiya sezike zamnetha phambilini. Igama lakhe livela ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

USibiya, kusolwa ukuthi wenza uphenyo olumayelana naleli cala ngesikhathi esamisiwe esikhundleni sokuba inhloko yoKlebe eGauteng.

Ngo-2015 uSibiya waxoshwa kwesokuba inhloko yoKlebe eGauteng emva kwekhomishini eyayiphenya izinsolo zokubuyiselwa ngodli abantu baseZimbabwe ababekuleli ngokungemthetho.

Ngo-2022 iNkantolo yezabaSebenzi yathola ukuthi kwakungekho emthethweni ukuxoshwa kukaSibiya.

Igama lesithathu elivelayo elikasomabhizinisi, uMnuz Vusumuzi Cat Matlala.

UMatlala ungusomathenda okuthiwa usebenzisana nezigebengu.

Phakathi kwamathenda asematheni atholwa yinkampani yakhe kubalwa eyasesibhedlela iTembisa, kaR50 million.

Kule thenda kwaba nenkohlakalo futhi kwasocongwa owayekhononda ngale nkohlakalo, uNkk Babita Deokaran, owayesebenzela umnyango wezeMpilo.

Muva nje inkampani yakhe ithole ithenda kaR48 million emaphoyiseni.

Le thenda yabuye yahoxiswa.

Njengamanje uMatlala ugqunywe esitokisini ngecala lokuzama ukubulala umakhwapheni wakhe ongumlingisi uTebogo Thobejane.

Igama lesine elivelayo elikaMnuz Brown Mogotsi.

Akukuningi okuvelayo ngoMogotsi.

UMkhwanazi wathi uMogotsi unolwazi oluyimfihlo lwamaphoyisa. Kuthiwa uzwana noMchunu kanti kuthiwa ungowaseNorth West.

Elinye igama elivelayo elenhloko yezinhloli, uLieutenant General Dumisani Khumalo, oboshelwe amacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

UMkhwanazi wathi uKhumalo uboshelwe ukulwa nobugebengu obenziwa abantu abavikelwa osopolitiki.