Umengameli Cyril Ramaphosa
Image: GCIS
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthembise ukusukumela izinsolo ezishaqisayo ezenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
URamaphosa uthe izinsolo zikaMkhwanazi zokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, usondelene nezigebengu, zidinga ukusukunyelwa ngokushesha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ohambeni lwakhe lwaseBrazil izolo.
URamaphosa uthe izinsolo ezenziwe uMkhwanazi zibucayi.
"Awukwazi ukuziba lezi zinsolo ngoba zithinta ezokuphepha kwezwe. Into ethinta ezokuphepha ibucayi njengoba ithinta impilo yabantu."
URamaphosa uthe uzoziphenya kahle lezi zinsolo uma efika kuleli.
"Ngizokuba nemihlangano nabantu abathintekayo bese nginquma ukuthi isiphi isinyathelo engizosithatha."
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ngeke bathathe uhlangothi lukaMchunu.
UMbalula uthe bafuna kwenziwe noma yiluphi uphenyo oluzoholela ekutheni kutholakale iqiniso.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
"Uma iPhalamende libona ukuthi kufanele kube nophenyo, kufanele luqalwe ngokushesha uphenyo. Akufanele balindele ukuthi bazokuzwa ngathi."
UMbalula uthe uRamaphosa uzofika kuleli namhlanje njengoba eseBrazil.
Uthe ulindele ukuthi uMchunu achazele uRamaphosa ngalezi zinsolo.
"Nathi njengobuholi be-ANC uzosichazela kodwa umuntu okubaluleke kakhulu ukuthi amchazele uRamaphosa ngoba uyena owamqokela esikhundleni."
UMbalula uthe bafuna uRamaphosa azisukumele ngokushesha izinsolo ezibekwe uMchunu.
"Lezi zinsolo zibucayi, zenza ukuthi sibukeke njengezwe elingenamthetho."
Ngaphambi kwalokho, inyunyana yamaphoyisa, iSouth African Policing Union (Sapu) ibithe awayimangazi amabhomu adedelwe uMkhwanazi.
Okhulumela iSapu, uMnuz Lesiba Thobakgale, ekhuluma nabesiteshi sezindaba sethelevishini uthe banxusa uRamaphosa ukuba angenelele kulolu daba.
“Ngokujwayelekile, izinkinga zalolu hlobo azivamile ukuvela kwabezindaba ngoba zithinta ezokuphepha kwezwe kodwa njengoba sizwile izinsolo ezibhekiswe ezikhulwini eziphezulu, ezifana nePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, ezobulungiswa, lezi yizinsolo ezibucayi ngakho kufanele zibhekisiswe,” kusho uThobakgale.
Uthe uRamaphosa kufanele angenelele ngaphambi kokuba isimo siphume esandleni.
Udalule ukuthi nabo bake bambhalela umengameli, bephakamisa ukuthi ake abukisise ezinye izingqinamba ezithinta ezobunhloli kodwa bangathola mpendulo. Uthe banethemba lokuthi njengoba sekuvele lezi zinsolo, umengameli uzozisukumela phezulu.
Khonamanjalo: USihlalo wekomiti lamaPhoyisa ePhalamende, uMnuz Ian Cameron, uthe kufanele icatshangwe nendaba yokummisa isikhashana uMchunu ngezinsolo ezenziwe uMkhwanazi.
UCameron uthe ukumiswa komuntu kuyinto ejwayele ukwenziwa uma kunezinsolo ezifuze lezi.
“Kusuke kwenzelwa ukuthi kuvikelwe isikhungo kanjalo nophenyo olusuke luzokwenziwa ngalowo muntu,” kusho uCameron.
Uthe izinsolo ezenziwe uMkhwanazi zidwebe isithombe esicacile sokuthi ezobulungiswa kazinabo ubuqotho.
“Yikho kubonakala kunzima kangaka ukuthi ubugebengu bucindezelwe,” usho kanje.
Related Topics: