UMHOLI wamaNazaretha aseBuhleni, UnyazilweZulu Isithombe: SITHUNYELWE
Image: SIGCINIWE
UKUNGADLALWA ngendlela komculo wombhaqanga eziteshini ezingaphansi kweSABC nokungaqashwa kwabaculi bawo, sekwenze abaculi bayofuna usizo kumholi wakwaShembe eBuhleni, Inkosi uMduduzi "Unyazlwezulu" Shembe.
Omunye wabasekhaleni lwalolu hambo oluzoba ngoJulayi 20, uSiphiwe Zakwe waBabekezeli, uthe kubame emphinjeni ukuvalelwa ngaphandle emicimbini nasemisakazweni. UZakwe uthe bahlale phansi nozakwabo abanabo emculweni womgxobanyawo, babona kungcono ukuthi bayocela izibusiso kuNyazi ngoba sebebabonile abanye abantu besizakala kulo.
"Sizobe singabaculi bombhaqanga futhi siphelezwa ngabalandeli balo mculo. Sibe sesiqoqa umnikelo ngoba izibusiso zicelwa ngomnikelo."
Echaza uthe bese baneminyaka bekhuluma nezikhulu zeSABC bezicela ukuba zibavulele uhlelo oKhozini oluzogxila emculweni wombhaqanga. Uthe zagcina zibathembise ukubampintshisa ohlelweni lukaDudu Khoza, kodwa nakhona kudlalwa izingoma ezimbalwa bese kuba ngezikamaskandi.
"Yize sewudlalwa umculo wethu, inkinga wukuthi udlalwa ebusuku abalandeli nabahleli bemicimbi sebelele."
UZakwe uthe nakuba kunjalo abaculi basaqhubeka nokuqopha ama-albhamu ngoba banethemba lokuthi umculo wabo uzogcina udlaliwe naseziteshini ezinkulu.
Umculo wombhaqanga sewukhiqize izihlabani eziningi ezinjengoMbongeni Ngema, Soul Brothers, Lucky Dube, Jabu Khanyile, Phuzekhemisi, Bhekumuzi Luthuli, Ihhashi Elimhlophe, Richie S, Mahlathini, Mahhotela Queens, Izintombi Zesumanjemanje, Sana Mnguni, Thisha Nzuza, Abangani, Abakhwenyana, Babsie Mlangeni, Steve Kekana nabanye.
Kubaculi abazobe beyingxenye yohambo nabasaqopha kubalwa uMxolisi Magudulela, Vusi Ngcobo, Gudlugu, Njabulo Blose, Oswenka 6. Joe Mzex Nabasebenzi, Msobompofu, Thokozani Zwane, Odali, Impunyela, Impumelelo, Abakhwekazi, Ababekezel, Miya Brothers, Mzumbe Brothers, Mamngo, Tayti Shelembe, Amasoka, Abalandeli, Ozakwabo, Osbali Basemzini, Ongoti, Abagijimi 24. Thokozani Qoma, Igugu Lomndeni, Mdabu Ngqulunga, DT Malembe, Maxakaxaka Nezihlobo, Lakhiza Lakhemeza, Ikhehleliphethe Istayela, Abangani, Abagandayi, Themba Nene,Sham Sham, Thokozani Hadebe, Bongani Zuma, Bonani Mhlongo, Ndabazamanguni, Addo, Siyengo Zondi, Amabhungu, Mashwabana, Ofeleba, Ivulandlela, Vicks the Scorpion, Abancengi Bempilo, Johnny Mntungwa, Izihlabani, Omkhaya nabanye.
INKOSI uMduduzi Shembe (UNyazilwezulu), waseBuhleni
Image: Sigciniwe
LUCKY Dube
Image: MBHAQANGA
MBONGENI Ngema
Image: SIGCINIWE
MAHOTELLA Queens
Image: SIGCINIWE
STEVE Kekana
Image: SIGCINIWE
BABSY Mlangeni
Image: SIGCINIWE
UDAVID Masondo weSoul Brothers
Image: SIGCINIWE
Related Topics: