Izindaba

Amabhomu kaMkhwanazi ngoMchunu ashiye uRamaphosa nengcabha

Sabelo Nsele|Published

UFIKE edlubhe eye-Special Task Force uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, esithangamini sabezindaba eThekwini, izolo

Image: X

INGCABHA ikuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba asukumele izinsolo ezishaqisayo ezenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.

Amaqembu ezepolitiki aphonsele uRamaphosa inselelo yokuba asukumele izinsolo zokuthi uMchunu usondelene nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Amanye amaqembu amemelele ukuba uMchunu ehle esikhundleni, amanye athi afuna kube nekhomishini ezophenya izinsolo.

UMchunu uthe usazohlala phansi abheke zonke izinsolo ezenziwe nguMkhwanazi.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kokuhambela umkhankaso we-ANC, wokhetho lokuchibiyela oluzokuba seVryheid.

UMchunu uthe ubengakasiboni isitatimende sikaMkhwanazi, wathi konke akuzwayo kuseyinzwabethi. 

"Ngizosazohlala phansi ngibheke konke okukhulunyiwe. Ngisazwile nje ukuthi uMkhwanazi khona akushilo, bese konke sikufakela izibuko."

Okhulumela uMchunu, uNksz Kamogelo Mogotsi, uzichithile izinsolo ezenziwe uMkhwanazi.

Uthe uMchunu usabheka ukuthi iziphi izinyathelo azozithatha.

"UMchunu ngeke avume ukuba igama lakhe noma elamaphoyisa licekelwe phansi ngabantu abenza izinsolo ezingenabufakazi.

UMkhwanazi umangaze abaningi ngesikhathi edalula izinsolo ezishaqisayo ngoMchunu kanye nePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya.

Le zinsolo uzenze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo, eThekwini.

UMkhwanazi ubedlubhe umfaniswano wophiko lwamaphoyisa olukhethekile, iSpecial Task Force.

Ubekakwe amanye amaphoyisa nawo abedluphe umfaniswano walolu phiko, kuphinde kube khona nabaphathi bamaphoyisa esifundazweni.

UMkhwanazi ubengagayelwe mphako njengoba eze waphimisa namagama okuthi ukulungele ukufela ensimini.

Izinsolo zikaMkhwanazi zishiye abaningi bebambe ongezansi njengoba egeqe amagula ngakubize ngokungcola okufaka phakathi osopolitiki, amaphoyisa nabashushisi.

UMkhwanazi wenze izinsolo zokuthi uMchunu wanquma ukuhlakaza ithimba eliphenya ukusocongwa kwesopolitiki lapha KwaZulu-Natal, ngenxa yokuthi lathikameza isidleke sezidakamizwa esilawulwa abantu abaseGauteng.

UMkhwanazi uthe amaphoyisa aseGoli acela ukuba ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki lapha KwaZulu-Natal lizokwelekelela ekuphenyeni isidleke sezidakamizwa okuthiwa sisabalele kulo lonke elakuleli.

Uthe kwase kusele kancane ukuba ithimba lisombulule amacala abucayi enzeka eGauteng, okubalwa kuwo nawokubulawa kwabaculi abadumile. Uthe emva kwalokho, kwabe sekuphuma umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba eliphenya ngokubulala kosopolitiki.

"Ngithi angibatshele abantu baKwaZulu-Natal ukuthi ithimba lahlakazelwa ukuphenya la macala enzeka eGauteng."

UMkhwanazi uthe uSibiya wathatha onke amadokodo ayephenywa ithimba.

"Kula madokodo kwakukhona namahlanu okwakunomyalelo wokuba kuboshwe abantu. Kuze kube manje la madokodo ahlezi ehhovisi likaSibiya, akuboshwe muntu."

USibiya naye uzichithile izinsolo ezenziwe uMkhwanazi, wathi uzothatha izinyathelo zomthetho.

Okunye okuvezwe nguMkhwanazi ngukuthi uMchunu waphika ukuthi uyamazi omunye wamaqabane akhe uMnuz Brown Mogotsi waseNorth West, ekhuluma phambi kwekomiti lasePhalamende. Kodwa wabuye wavuma ukuthi uyamazi. Uphinde waveza ukuthi kwaba nokuxhumana phakathi kukasomabhizinisi oboshelwe amacala athinta nokuzama ukubulala, uMnuz Vusumuzi Matlala, abathole kwimiyalezo yeselula yakhe ukuthi uMchunu wayexhumana noMogotsi.

Udalule ukuthi uMatlala uxhasa uMchunu ngemali njengoba kunombiko oveza lapho akhokhela khona uhambo lwababeye esidlweni sasebusuku se-ANC ngesikhathi yenze umgubho iJanuwari 8, eKapa. Lo mbiko oveza imali eyakhokhwa wathunyelwa uMatlala kuMogotsi. Kuphinde kuvele nokuthi uMatlala wathola umbiko owawuvela kuMogotsi, mayelana nokuhlakazwa kwethimba elaliphenya ukubulawa kosopolitiki. Uphinde waveza ukuthi yanqanyulwa inkontileka uMatlala ayenayo namaphoyisa.

I-DA isibhalele uSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, icela ukuba kube nenkulumo mpikiswano ngalolu daba.

Okhulumela i-DA kwezithinta amaphoyisa, uMnuz Ian Cameron, uthe ziyakhathaza izinsolo ezenziwe uMkhwanazi.

"IPhalamende neHhovisi likaMengameli kufanele baphenye lezi zinsolo ukuze kuzotholakala iqiniso."

Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, uthe bafuna ukuthi uMchunu amiswe esikhundleni, wathi bayameseka uMkhwanazi.

USotswebhu we-UDM ePhalamende, uMnuz Nqabayomzi Kwankwa, uthe uMchunu akufanele aze alinde ukuthi atshelwe ukuthi akagudluke esikhundleni.

"Uma kuwukuthi uyazi ukuthi akanacala kufanele agudluke esikhundleni khona kungeke kuphazamisele uphenyo."

Umholi weBosa, uMnuz Mmusi Maimane, uthe bafuna izinsolo zikaMkhwanazi ziphenywe nawuphiko oluphenya amacala enkohlakalo, iSpecial Investigating Unit (SIU).