Izindaba

SIGOQA ISONTO: Kukhala isicathulo sami ePhalamende, akukhali esikaZuma- Hlophe

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, othe kukhala isicathulo sakhe ePhalamende hhayi esikaZuma

Image: Sigciniwe

NAKUBA umholi weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, evume ukuthi kunamalungu eqembu enza okubheke eceleni, kodwa uyakuphika ukuthi izinto zimapeketwane kuleli qembu elingelesithathu ngobukhulu ePhalamende. 

UHlophe uthe amalungu eqembu ePhalamende ayimbumba. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo. 

UHlophe ukhuluma kanjena nje kusanda kuputshuka incwadi lapho ekhala ngokuziphatha kwendodakazi yomholi weMK, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, nokhulumela iqembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela. 

Kule ncwadi ebhekiswe kumholi weMK, uJacob Zuma, uHlophe ukhala ngokuthi uNkk Zuma-Sambudla noNdhlela baphazamisa imihlangano yeqembu. 

UHlophe akazange afune ukukhuluma ngale ncwadi kodwa ukuqinisekisile ukukhishwa kukaNdhlela ezinhlakeni zobuholi beMK ePhalamende.

Uthe uNdhlela akaselona iphini likasotswebhu wezokuxhumana kwiMK ePhalamende. 

Ukuqinisekisile ukuthi yabhalwa uyena incwadi ekhipha uNdhlela esabalale ezinkundleni zokuxhumana. 

UNdhlela wathi le ncwadi ikokoteliwe ngesikhathi ebuzwa ngayo.

UHlophe uphinde wamemezela nezinguquko ebuholini beMK emakomitini asePhalamende.

UHlophe uthe lezi zinguquko azisho ukuthi kunezinxushunxiushu.

"Yihaba nje leli labantu bezindaba. Akusikhona okokuqala senza izinguquko. Siyiqembu elisha. Amalungu eqembu aqhamuka ezindaweni ezahlukene. Uma sibona isidingo sizoqhubeka nokwenza izinguquko. Ngingakusho nje ukuthi azikho izinxushunxushu, yebo ke kukhona labo abenza okuphambene."

UHlophe uthe ngeke ananaze ukwenza izinguquko uma kunesidingo wathi izinqumo uzozithatha ngaphandle kokulinda ukuthi abonisane noZuma.

"Yimina umholi weMK ePhalamende, ngiphinde ngibe yiphini lomholi weqembu. Lapha ePhalamende kukhala isicathulo sami. UZuma washo ukuthi ngingalokhu ngiza kuyena ngizotefa."

UHlophe ukuphikile ukuthi kukhona abafuna kususwe esikhundleni usotswebhu omkhulu weMK ePhalamende, uNksz Colleen Makhubele.

Kunemibiko yokuthi kunamalungu eMK abhalele uZuma acela ukuba kususwe uNksz Makhubele. UHlophe uthe akayazi yena leyo ncwadi. 

"Uma kunesikhalo kufanele size kimina bese kuba yimina engisidlulisela kuZuma. Uma isikhalo singami kufanele sinikezwe uNksz Makhubele, bese esidlulisela kuZuma. Engingakusho wukuthi asikho isikhalo engike ngasithola ngoNksz Makhubele. Ngijabule kakhulu ngomsebenzi awenzayo."

Uthe ngeke abanake abakhonkotha iMK ngoba inja ayiyikhonkothi imoto emile, kodwa ikhonkotha ehambayo.