Izindaba

Ihlanziswe imali imeya exoshwe esikhundleni

Sabelo Nsele|Published

OBEYIMEYA yaKwaDukuza, uMnuz Ali Ngidi, oyalelwe ukuba asule esikhundelni

Image: SITHUNYELWE

AMAQEMBU ezepolitiki athi liphume nobovu kuxoshwa iMeya kaMasipala waKwaDukuza, uMnuz Ali Ngidi, nephini lemeya, uMnuz Njabulo Cele, abaphinde bahlanziswa ingxenye yemali esetshenziswe wumkhandlu ubaqashela izimoto nabaqaphi.

I-DA, ActionSA neMK bathe kufanele engabe kade bakhonjwa indlela uNgidi noCele. UNgidi noCele basule ezikhundleni ngoLwesithathu emva komyalelo wobuholi be-ANC KwaZulu-Natal. 

Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buthathe isinqumo sokuyalela la baholi ukuba basule emva kophenyo. 

Uphenyo lwaqala emva kwezinsolo zokuthi umkhandlu usebenzisa imali eshisiwe uqasha izimoto ezazisetshenziswa yilaba baholi. La baholi bebengakaqedi ngisho unyaka bengenile ezikhundleni. 

Ngesikhathi bengena ezikhundleni abazange bazisebenzise izimoto zomkhandlu ezazisetshenziswa ababephethe izikhundla ngaphambi kwabo.

Umgqugquzeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthe uNgidi noCele bayalelwe ukuba bakhokhe ingxenye yemali esetshenziswe wumkhandlu ubaqashela izimoto emva kokufungiswa kwabo.

"Imali abazoyikhokha yilena esetshenziswe wumkhandlu ngaphambi kokuthi kube nesinqumo somkhandlu esithi abaqashelwe izimoto. Imali abangeke bayikhokhe yilena esetshenziswe emva kokuba umkhandlu usuthathe isinqumo sokubaqashela izimoto."

Kunezinsolo zokuthi enye yalezi zimoto okwakufanele engabe bayazisebenzisa yayibonakala ihambisa izingane zikaNgidi esikoleni. 

UMabuyakhulu uthe uNgidi uyalelwe ukuba kube khona imali ayikhokhayo ngokusebenzisa le moto.

Bekuphinde kube nesikhalo sokuthi inkulu kakhulu imali ekhokhelwa abaqaphi abagada uNgidi nasemzini wakhe njengoba umasipala ubukhokha u-R170 000 njalo ngenyanga.

Nayo le mali uzoyikhokha uNgidi.

UMabuyakhulu uthe ukuxoshwa kwalaba baholi kukhombisa ukuzinikela kwabo ukwakha kabusha i-ANC.

Akazange asho ukuthi obani abazongena ezikhundleni.

Okhulumela i-DA kuMasipala waKwaDukuza, uNksz Privi Makhan, uthe abamfisi uNgidi.

"Kule zinyanga eziyisishiyagalombili ephethe uhluleke wancama ukuhola umkhandlu. Ziningi izinqumo azithathile ezifake umasipala ehlazweni. Ubezithwele futhi engafuni ukuboniseka.

"Ngesikhathi kuphethe yena sibone umasipala uhluleka wukuhambisa izidingo kubantu. UNgidi ubengabonakali nhlobo emiphakathini. Into abeyazi nje wukuhamba imicimbi yomntakabani."

Ikhansela le-ActionSA, uMnuz Nel Sewraj, lithe ukuxoshwa kukaNgidi noCele kuzobuyisa isithunzi somkhandlu.

Umdidiyeli weMK esifundeni Ilembe, uMnuz Basil Ntuli, uthe banethemba lokuthi kuzoqokwa abaholi abaqotho ukuba bangene ezikhundleni ezivulekile.