Nongoma Local Municipality
Image: Sigciniwe
ZINKANI zababili kuMasipala waKwaNongoma njengoba kunemizamo yokuvimba umhlangano wokuketula iMeya, uMnuz Mshangane Ndabandaba, noSomlomo, uNkk Babongile Sithole.
UNkk Sithole usabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma ungamiswa umhlangano obizelwe ukuzolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe nobemeya.
Ngakolunye uhlangothi imenenja yomkhandlu ebambile, uMnuz Mpumelelo Mnguni, ithi uzoqhubeka umhlangano uNkk Sithole ethanda noma engathandi.
Umhlangano wokubhunga ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNkk Sithole nobukaNdabandaba uzokuba kusasa.
Umhlangano ubizwe emva kokuba iningi lamakhansela akulo masipala lisayine isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNkk Sithole nobukaNdabandaba.
UNkk Sithole noNdabandaba babhekene noxhaxha lwamacala okukhwabanisa kanye nenkohlakalo.
Baboshwa kanye nezikhulu zomkhandlu kanjalo nosomabhizinisi osolwa ngokubafumbathisa.
Amakhansela afuna ukubakhipha akhala ngokuthi ukuboshwa kwabo kwathunaza isithunzi somkhandlu.
Umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi babo ubizwe wuMnguni.
Amakhansela aqale abhalela uNkk Sithole emcela ukuba abize umhlangano ozolalela isiphakamiso, abe esedlulela kuMnguni emva kokuba uNkk Sithole enqabile ukubiza umhlangano.
UNkk Sithole ubhalele uMnguni incwadi eshubile lapho emyalela khona ukuthi amise umhlangano wakusasa.
UNkk Sithole usabise ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma ungamiswa umhlangano obhekwe ngabomvu.
Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe, uNkk Sithole uthe uMnguni akanalo ilungelo lokubiza umhlangano.
UNkk Sithole uthe inkontileka kaMnguni yokubamba njengemenenja yomkhandlu yaphela ngoMashi.
"Inkontileka yakho ayikaze ivuselelwe. Lokhu kusho ukuthi izinqumo ozithathile emva kokuphela kwenkontileka yakho, esibala kuzo nalesi sokubiza umhlangano wakusasa, azikho emthethweni.
"Okunye ke futhi iminyaka yakho ayisakuvumeli ukuba uphathe isikhundla sokuba yimenenja kamasipala ebambile. Usungaphezulu kweminyaka engu-65, umthetho awusakuvumeli ukuthi uphathe le sikhundla."
UNkk Sithole ubenikeze uMnguni umnqamulajuqu wayizolo ukuba ahoxise isaziso esibiza umhlangano wakusasa.
"Uma ungakwenzi lokhu ngizophoqeleka ukuba nginikele enkantolo."
UNkk Sithole ukuchithile ukuthi wanqaba ukubiza umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Uthe wayalela amakhansela ukuba ayolungisa isicelo sawo sokuba kubizwe umhlangano.
UMnguni utshele Isolezwe ukuthi uzoqhubeka umhlangano wakusasa.
"Mina ngilawulwa wumthetho, hhayi imizwa yabantu nezinhliziyo. Labo abafuna ukumisa umhlangano ngeke bawumise ngezinhliziyo."
Uthe ubize umhlangano ngokulandela isigaba 29 somtetho olawula ukuphathwa komasipala kanye nesigaba semithetho elawula ukuphathwa kukaoMasipala waKwaNongoma.
UMnguni uthe uyakweshwama ukuthi inkontileka yakhe yaphela ngoMashi yangabe isavuselelwa.
Alikho iqembu elinezihlalo ezanele ukuphatha ngokuzimela KwaNongoma.
Njengamanje umasipala uphethwe yi-ANC neNFP ngokubambisana.
Related Topics: