Izindaba

OweMoja Love uboshelwe ukususa uthuthuva

Charles Khuzwayo|Published

USIYABONGA Mdlalose osolwa ngokudubula endaweni yokudlela

Image: FACEBOOK

UMETHULI wohlelo olusihloko sithi S’khipha Amafiles kwiMoja Love, uSiyabonga Mdlalose, kulindeleke ukuba avele enkantolo kulandela isigameko sokudubula endaweni yokudlela eseStone Hill, e-Edenvale, eGoli ngoLwesihlanu.

Isolezwe lithole ukuthi uSiyabonga uboshwe ngenxa yezinsolo zokudubula kule ndawo ebigcwele ichichima. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, usiqinisekisile lesi sigameko kwiSolezwe.

Uthe lo saziwayo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela, emuva kokudonsa isibhamu maqede waqhulula ithelevishini ngenhlamvu.

"Akekho olimele futhi umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo khona maduze ngecala lokucekela impahla nokudubula esidlangalaleni," kuphetha uColonel Nevhuhulwi.   Abazibonele bathe kusuke uthuthuva ngesikhathi uSiyabonga edonsa isibhamu maqede wadubula ithelevishini kulandela ingxabano phakathi kwakhe nomdayisi.

"Kube nomsindo, kwatatazelwa futhi kwasaphazeka izingilazi. Noma kungalimalanga muntu kodwa namanje abantu basathukile."

Imizamo yokuthola okhulumela iMoja Love, uNonzwakazi Cekete, ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.