Izindaba

OweGagasi uzosifaka ngamahlaya kwiDurban July

Charles Khuzwayo|Published

FELIX Hlophe

Image: SIGCINIWE

UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, uthembisa lukhulu ochungechungeni lwemicimbi yakhe yamahlaya, iLive and Unfiltered Tour, oluqala eGateway Hotel, eThekwini ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.

UFelix, osakaza ngokuhlanganyela noMinnie Ntul iThe Uprising Breakfast Show, uthe abantu bazongena kwiHollywoodbets Durban July, kubuhlungu izisu ngenxa yamahlaya azobe ewaqhulula kulo mcimbi.

"Yilokhu engikwenza kangcono," kusho lesi silomo sikasomahlaya esinohlelo olukhuluma ngempilo yaso yangempela kuMzansi Magic ngoLwesine ngo-8 ebusuku, iLife With Felix Hlophe.

Yize sekuqubuke izikhalo ngalolu hlelo lwakhe, kunabaluncomayo nabalugxekayo kodwa yena uthembisa ukukhipha amangwevu kulo mcimbi.

Uthe kulo mcimbi kuzobe kusuka amaphepha kusala amakhadibhokisi futhi kuqhuma izinhlasi zodwa ngoba uzobe engahlonizi futhi engasinisi amahleza.

Uqhube wathi uzosuka eThekwini abhekise amabombo eMoth Hall, eDundee ngoJulayi 17 bese imbenge eyiphetha eThe Ridge eWitbank, eMpumalanga ngoJulayi 26. Ephetha uthe amathikithi alolu chungechunge lwemicimbi yamahlaya aseyatholakala eWebtickets.