Izindaba

Izinkinga ziyagibelana kwiMK abanye belandela uShivambu

Sabelo Nsele|Published

BAYANDA abalandela uMnuz Floyd Shivambu, besuka kwiMK eholwa uMnuz Jacob Zuma

Image: Sigciniwe

ZIMAYAKAYAKA izinto kwiMK esifundeni uMkhanyakude njengoba ishiywe amalungu amabili aqavile akhale ngokuthi iyinto yomndeni, maqede ajoyina ibhodwe eliphekwa obengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu.

Obengumgqugquzeli weMK esifundeni uMkhanyakude, uMnuz Eugene Dlangamandla nobeyilungu lesigungu esiphezulu eqenjini kulesi sifunda, uMnuz Sabelo Ntombela, balaxaze iMK maqede bamemezela ukuthi bazolandela uShivambu.

Bobabili bathumele izincwadi zokwesula, izolo. 

Ezincwadini zabo zokwesula, bakhala ngokuthi iMK iyinto yomndeni nezihlobo.

UDlangamandla noNtombela bashiya nje, uZuma kade enomhlangano namalungu eMK eMkhanyakude, lapho ebezolalela khona izinkinga zawo.

Lo mhlangano obungempelasonto ubushubile.

Encwadini yokwesula, uDlangamandla uveza ukuthi wajoyina iMK ngesikhathi isungulwa, ngo-2023, wathi ngesikhathi ejoyina wayezitshela ukuthi iMK iqembu elisungulelwe ukuzokhulula abantu abamnyama.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi ubuye wabona ukuthi iMK into nje esungulelwe ukuzohlomulisa umndeni nabangani eyifanisa nesitokofela.

"Into engiyiqaphelile ukungaphathwa kahle kwamalungu eqembu. Indlela okwenzeka ngayo izinto uyabona nje ukuthi lena into yomndeni kanye nabathile. Into ejwayelekile ukuthukwa kwabantu kwiMK."

UDlangamandla uthe usebenze ngokuzikhandla kwiMK.

"Kwakungelula ngesikhathi kusungulwa iMK. Njengomgqugquzeli weqembu esifundeni, ngenza isiqiniseko sokuthi siba nezinhlaka zobuholi kuwo wonke amawadi angu-80 aseMkhanyakude, kanye nakubo bonke omasipala abane abasesifundeni."

UDlangamandla uveze ukuthi uselitholile ikhaya elisha.

"Ngizokwelekelela ithimba leMayibuye eliqokwe uShivambu ukuba liqhube izingxoxo ngokusungulwa kweqembu elisha."

UNtombela naye uthe izinqumo ezibalulekile zithathwa abantu abathize.

UDlangamandla noNtombela basho kanjena nje, kuvele kunezikhalazo ngokuziphatha kwendodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla. Muva nje, kuputshuke incwadi lapho khona iPhini lomholi weMK, uDkt John Hlophe, belikhalaza ngoNkk Zuma-Sambudla.

Kule ncwadi ebhekiswe kumholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma, uHlophe usole uNkk Zuma-Sambudla ngokusebenzisa ulimu oluqosheme kanye nangokuphazamisa umhlangano wamalungu eqembu ePhalamende.

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe kungenzeka ukuthi incwadi kaHlophe ikokotelwe.

"Ngimbuzile uHlophe ngesikhathi ngibona incwadi isisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Into ayishilo kumina ukuthi ucabanga ukuthi kukhona umuntu ovele wasebenzisa budedengu indlela yakhe yokusayina esebenzisa ezobuchwepheshe. Ingxoxo yethu iphelele lapho."

UNdhlela ukuphikile ukuthi kunoqhekeko kumalungu eMK ePhalamende njengoba kunemibiko ethi kukhona abafuna kuxoshwe uSotswebhu weqembu, uNksz Colleen Makhubele.

UNdhlela uthe into eyenza kubukeke sengathi kukhona abaphikisana noNksz Makhubele udaba lwempi yaKwa-Israel, wathi iMK yeseka iPalestine kanti uNksz Makhubele yena weseka elaKwa-Israel.