Imeya yaseMsunduzi uMzimkhulu Thebolla
Image: Independent media Archives
UMPHATHISWA wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukhiphe isexwayiso esishubile kuMasipala waseMsunduzi osolwa ngokuhongela ithimba eliphenya izinsolo zenkohlakalo.
UButhelezi uthe bazokubona okwagibeza ikati emthini abaholi balo masipala uma beqhubeka nokumbisa iqanda lenjelwane ithimba alijube ukuba liphenye izinsolo zenkohlakalo.
Ukusho lokhu esitatimendeni asithumele kwabezindaba.
UButhelezi wajuba uphenyo eMsunduzi emva kwezinsolo zenkohlakalo ngasekuqaleni konyaka.
Uphenyo lwaseMsunduzi lwaqalwa kanye kanye nolwenziwa kuMasipala waKwaNongoma nowaKwaDukuza.
UButhelezi uthe uphenyo luqhubeka kahle kuMasipala waKwaNongoma nakuMasipala waKwaDukuza.
Uthe yizikhulu zaseMsunduzi kuphela ezingafuni ukubambisana nethimba eliphenyayo.
"Ithimba eliphenyayo likuthola kunzima ukwenza umsebenzi walo njengoba izikhulu zakuMasipala waseMsunduzi zingafuni ukubambisana nalo."
UButhelezi uthe usebabhalele abaholi baseMsunduzi, wabanqumela ugwayi katiki.
"Ngibayalele ukuba babambisane nophenyo. Ngibatshelile ukuthi uma beqhubeka nokunqaba ukubambisana nophenyo lwami, bazobhekana nezinyathelo ezinqala. Ngizovele nqiqale uphenyo oluyimpoqo."
UButhelezi uthe ngeke akuvumele ukuthi kube khona umasipala ozohongela abaphenyi.
"Ngizimisele ukuqinisekisa ukuthi imali iphathwa kahle komasipala nokuthi bathathelwa izinyathelo abantu abaphula umthetho. Ngeke sisonge izandla uma sibona kuphulwa imithetho."
IMeya yoMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe bebengakayitholi incwadi kaButhelezi. "Njengoba singakayitholi incwadi kaButhelezi kunzima ukuba siphawule. Esingakusho nje ukuthi sizimisele ukulandela imigomo ebekelwe omasipala."
UThebolla uthe kunencwadi abayibhalela uButhelezi mayelana nalolu phenyo engakaze iphendulwe."Namanje sisalindele impendulo."
UMasipala waseMsunduzi wakhombisa ukuphikisana nophenyo ngesikhathi lumenyezelwa.
Amakhansela akumasipala athatha isinqumo sokubhalela uButhelezi, emcela ukuba ahoxise uphenyo.
Uphenyo lukaButhelezi lulandela izinsolo zokungalandelwa kwemigomo ebekelwe ukuphathwa kwemali, ukugxambukela kosopolitiki ekukhishweni kwamathenda, ukungalandelwa kwemigomo uma kuqashwa abantu kanye nokungathathelwa izinyathelo kwabantu abenza okuphambene nemigomo.
Izinsolo zenkohlakalo kuMasipala waseMsunduzi azizintsha.
Lo masipala uke wahlala isikhathi eside ungaphansi kweso lomlawuli.
Related Topics: