UMHOLI weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, okhala ngoqhekeko kumalungu eqembu
Image: Sigciniwe
USOTSWEBHU weMK ePhalamende, uNksz Colleen Makhubele, obhekene nezembe njengoba kukhona abafuna akhishwe esikhundleni
Image: Sigciniwe
OKHULUMELA iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, osolwa ngokudala uqhekeko
Image: sigciniwe
IMPETHU isiphinde yangena ngontombikayise wendodakazi yomholi weMK, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, njengoba muva nje isisolwa ngokufaka unyawo lwedada ekusebenzeni kweqembu ePhalamende.
Iphini lomholi weMK, uDkt John Hlophe, ukhombe ngenjumbane uNkk Zuma-Sambudla, emsola ngokudunga amalungu eqembu ePhalamende.
UHlophe usole uNkk Zuma-Sambudla nokhulumela iqembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ngokuba nesandla oqhekekweni oludla lubi kumalungu eqembu ePhalamende.
Lokhu ukusho encwadini ayibhekise kumholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma, lapho emcela khona ukuthi angenelele kule nsambatheka.
Akukhona okokuqala uNkk Zuma-Sambudla noNdhlela besolwa ngokuxova iMK.
Iningi labaholi abaxoshwa kwiMK lakhala ngoNkk Zuma-Sambudla noNdhlela.
Osanda kuxoshwa kwesikanobhala jikelele kwiMK, uMnuz Floyd Shivambu, ukhale ngoNkk Zuma-Sambudla noNdhlela, wathi ibona abatshela uZuma izinto ezingamanga.
Owabhalisa ngokusemthethweni iMK, uMnuz Jabulani Khumalo, wakhala ngoNkk Zuma-Sambudla ngesikhathi exoshwa.
Namalungu eMK ePhalamende angu-15 axoshwa ngonyaka owedlule, akhala ngoNkk Zuma-Sambudla ngokuxova.
UHlophe usole uNkk Zuma-Sambudla noNdhlela ngokuphazamisa umhlangano wamalungu eqembu owawungesonto eledlule.
UHlophe uthe uNdhlela noNkk Zuma-Sambudla bafika kulo mhlangano bengadle nkobe zamuntu, wathi uNkk Zuma-Sambudla wafike wafuna ukukhuluma ngenkani.
"Kwala noma ecelwa ukuba alinde ithuba lakhe, walokhu eqhubeka nokukhuluma. Kwaze kwaphoqa ukuba ngingenelele. Ngesikhathi ngizama ngikhuluma wayelokhu engingena emadevini. Ngangilokhu ngimkhuze njalo."
UHlophe uthe uNkk Zuma-Sambudla wagcina eqoqa yonke imithwalo yakhe.
"Wabuza ngengila ukuthi ngabe akukapheli yini ebesihlangene ngakho? Wazama ukuphuma kodwa wabuye wabuya uma ebona ukuthi akekho umuntu omlandelayo."
UHlophe uthe uNdhlela yena wafike wajijibeza ngamazwi uNksz Colleen Makhubele, onguSotswebhu weqembu ePhalamende.
"Wagcina esekhipha amazwi okuthi uNksz Makhubela kufanele afundiswe ngepolitiki. Sekukaningi uNdhlela ethuka uNksz Makhubela. Kwesinye isikhathi uyaye aze ambize ngomafikizolo."
UHlophe uthe indaba kaNkk Zuma-Sambudla noNdhlela idinga ukusukunyelwa ngokushesha ukuze kungeke kudungeke amalungu eqembu ePhalamende.
Amalungu eMK ahlukene phakathi ePhalamende njengoba kukhona afuna ukuthi kuxoshwe uNksz Makhubele.
UNksz Makhubele uthathe isikhundla sikaSotswebhu emva kokuxoshwa kukaMnuz Mzwanele Manyi, ngasekupheleni kukaMeyi.
Abaphikisana noNksz Makhubele bathi uyamhlula umsebenzi futhi bathi uzithathela yedwa izinqumo.
Nawo la malungu asebhalele uZuma ecela ukuba uNksz Makhubele akhishwe esikhundleni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdhlela kayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.
Related Topics: